Uhluleke ukuzibamba izinyembezi uDoctor Khumalo evalelisa kuBarker
Sihle Ngubo
UDoctor Khumalo owayedlalela iBafana Bafana, ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika ihlulekile ukugqakambisa amagalelo kaClive “The Dog” Barker esaphila.
“UClive ubefanelwe okungcono, bekumele simtuse kakhulu ngesikhathi esaphila,” usho kanje uKhumalo.
UBarker ubebanjelwe inkonzo yokumkhumbula eThekwini kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni ngeledlule.
Lo mqeqeshi owawina i-Africa Cup of Nations neBafana ngo-1996, ubongwe abaningi ngamagalelo akhe kodwa uDoctor Khumalo ukholwa wukuthi akwanele.
“Simenzele phansi uClive, asizange simphakamise ngokufanele. Nokho engingakusho ukuthi ngiyabonga kuClive ngokuthi abumbe iqembu lango-1996 nokuthi u-90% walo uphumelele ukuyodlala phesheya ngempumelelo,” kusho uDoctor Khumalo.
“UClive ubengumyeni, engubaba, engumkhulu kanti nakithina ubefana nobaba singabadlali. Othandayo angasho ukuthi kukhona umqeqeshi ongaphezu kukaClive, ngingavuma, kodwa ngiyohlale ngimhlonipha.”
UDoctor Khumalo uphinde waveza okwashiwo uBarker kubona ngo-1994 njengesifiso sakhe nephupho lakhe.
“Ababekhona bangangifakazela. UClive wathi kithina ngo-1994 ufuna ukuwina i-Afcon ka-1996, nokuthi iBafana Bafana izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-1998. Nangempela wakwenza lokho.”
IBafana yagcina ihambe ngaphandle kukaBarker ukuya eFrance ngo-1998 njengoba esula ngemuva kweConfederations Cup.
UKhumalo uhlulukile ukuzibamba sekumele avalelise okokugcina ‘kubaba’ wakhe, zagobhoza izinyembezi.
FUNDA NALA: IChiefs seyidayise uSiyabonga Ngezana kwelaseRomania
“Kunzima kimina ukuthi ngithi: Hamba kahle Clive.”
Uthulile isikhathi eside ebheke phansi, waze waduduzwa umphathi wohlelo uRobert Marawa. Ube esesonga ethi: “Inkosi ikubusise Clive.”