Afcon 2023Ezakamuva

Afcon 2023: Izinto ezilishumi ezisahehe amehlo 

I-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 sekucacile ukuthi yiyo enezimanga nemidlalo eshisa kunayo yonke eminye imiqhudelwano yaphambilini. 

Izimanga zigileka cishe kuyo yonke imidlalo kulo mqhudelwano ose-Aivory Coast nobekumele ube ngoJuni nyakenye.

Lapha sibheka izinto ezilishumi ezinhle ezisahehe amehlo ethu kusukela lo mqhudelwano uqalile:

  • IMorocco, i-Egypt, iGhana ne-Algeria bawashiswe ijezi amaqembu athathwa njengamancane kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
  • IDR Congo ikwazile ukungena kuma-Quarter Finals ngaphandle kokunqoba ngisho owodwa umdlalo ngesikhathi esijwayelekile. Badlale ngokulingana emine.
  • Umdlali odlala emuva eqenjini lakhe, u-Emilio Nsue nguyena ohamba phambili ngamagoli njengamanje kwi-Afcon. 

Ushaye amagoli amahlanu emidlalweni emine. Udlala emuva kwesokudla eqenjini elidlala esigabeni sesithathu eSpain.

Kodwa kwi-Equatorial Guinea, la engukaputeni, udlala ophikweni njengomdlali ohlaselayo.

  • INamibia neMauritania bangene esigabeni somkhumulajezi (iLast 16) okokuqala ngqa. 

IMauritania ishaye i-Algeria ngo 1-0, kwathi iNamibia yashaya iTunisia ngo 1-0 emidlalweni yokugcina esigabeni samaqoqo.

  • I-Egypt ingene esigabeni seLast 16 ingawinanga nowodwa umdlalo kwesamaqoqo. 

Idlale ngokulingana kathathu esigabeni samaqoqo. 

  • Umdlali waseMauritania ubizwa ngo-AK-47. Igama lakhe ngu-Aboubakar Kamara futhi wayegqoka inombolo 47 kwiFulham.

Leli gama lakhe lesidlaliso lisukela lapho kanti usehlale ebizwa ngalo nje.

  • I-Ivory Coast ifinyelele ngokuciciyela inamaphuzu amathathu kuphela esigabeni somkhumulajezi. 

Osokhaya balo mqhudelwano baqhubekile ke njengoba bewashise ompetha be-Afcon iSenegal ijezi kwiLast 16.

Baphinde bakhipha neMali beyishaya ngo 3-2 emdlalweni obusezingeni eliphezulu kusukela uqala waze wayophela. 

  • Amazwe amahlanu akleliswe phezulu kwiFifa, iMorocco, Senegal, Tunisia, Algeria ne-Egypt wonke asheshe asala endleleni kulo mqhudelwano.
  • Kunomdlali weTanzania obizwa ngenkakha yakuleli uSiphiwe Tshabalala ngenxa yokuthi ukhule ezifela ngalo mdlali.

UMohammed Hussein ukwazile nokuhlangana nale nsizwa akhule eyithanda futhi ebukela kuyo.

UShabba ungomunye wezimenywa ezikhethekile zeCaf njengenkakha yeFifa ezihambele i-Afcon e-Ivory Coast.

  • Amazwe amahlanu asentshonalanga ne-Afrika, amazwe amabili aseningizimu ne-Afrika nezwe elilodwa lamaphakathi ne-Afrika adlulele kwi-quarter-finals.