Kuhlengezele izinyembezi kuShaun Bartlett ebonga umkakhe
Sihle Ngubo
Ubonge ukwesekwa ngumkakhe umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett, ngemuva kokwenyusela leli qembu kwiDStv Premiership.
UShaun Bartlett nezakhe badlale ngokulingana ngo 0-0 neMaritzburg United, futhi yikona kuphela abebekudinga kulo mdlalo wokugcina wokuhlunga eHarry Gwala Stadium.
“Abadlali bethu basebenze kanzima kakhulu, ngifisa ukubabonga kakhulu. Ngibonga abaphathi beqembu, ngibonga ithimba labaqeqeshi, abadlali nawo wonke umuntu owenze kahle eqenjini kule sizini,” kusho uBartlett owayedlalela iBafana Bafana ngemuva komdlalo.
“Ngaphezu kwakho konke ngithanda ukubonga unkosikazi wami. Umkami ubelokhu ekhona engeseka isizini yonke.
“Njengomqeqeshi ubhekana nezimo eziningi… Juanita ngiyabonga kakhulu.
“Ubulokhu ukhona ungeseka futhi umndeni wami iwona engikwazi ukwethembela kuwona noma kungathiwa siyashaywa noma sinqoba. Ngiyabonga kakhulu ngalokho.”
Lo mqeqeshi akakhohlwanga ukubonga izinkunzi ezindala eqenjini ebezilokhu zihola abafana abasebancane isizini yonke.
“Asikho isidingo sokuthi ngiqeqeshe enkundleni ngoba bakhona. Lapha ngikhuluma ngoNazeer (Allie), Michael (Morton), uClayton (Daniels). Benza kube lula kimina njengomholi ukusebenza. Ngiyaziqhenya ngalaba badlali,” kugcizelela uBartlett.
Uvumile nokho ukuthi kwabaphoxa kakhulu ukungasiwini isicoco seMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini.
“Saphoxeka kakhulu osukwini lokugcina lwesizini. Nokho lokho kuphoxeka sekudlulile manje, sesibheke ukuyodlala kwiDStv Premiership.”
Ethimbeni lakhe labaqeqeshi uShaun Bartlett uphethe abanye ababedlalela iBafana Bafana, uCalvin Marlin, umqeqeshi wonozinti, noNasif Morris, oyiphini lakhe.
FUNDA NALA: Owayedlala kuMaZulu uMyron Shongwe uveza isifiso ngoMngqithi
Umphathi we-Urban Warriors, u-Ari Efsthathiou usekuqinisekisile ukuthi lo mqeqeshi bazomgcina nangesizini ezayo.
Kuzobe kungokokuqala eqeqesha kuleli zinga lebhola. Kodwa yena ukhombise ukuzethemba njengoba ethe bebevele benza izinto ngezinga lePremiership.