EzakamuvaEzokusubatha

Kushiya imibuzo ukubhacaza kwabeHollywoodbets AC kwiComrades

Alfred Ngubane

IHollywoodbets Athletics Club  ibhacazile kwiComrades Marathon yakamuva njengoba ingalibonanga elidlalayo yize beyibophele abasubathi abanohlonzo. 

Kulabo basubathi bekukhona u-Anne Ashworth, Nkosikhona Mhlwakwana noMohlomula Sekhonyana. 

Bobathathu laba basubathi banamagolide kwiComrades Marathon. Bekukhona noLoveness Madziva, osenqobe imijaho eminingi  ehlabahlosile noMakhosi Mhlongo naye osenqobe  imijaho eminingi. 

Kodwa bonke bashaye udaka kwiComrades Marathon, babuya belambatha. Leli qembu lisanda kushiywa ngabasubathi abanohlonzo abafana noThobani Chakwe obuyele kwiMax Elite Athletics Club, noNkosinathi Duma.

Umbuzo okhona manje ngothi ngabe uProdigal Khumalo, ongumqeqeshi, uzokhona yini ukuhlanganisa le kilabhu enkulu anabasubathi abahamba phambili emhlabeni. 

Naye uKhumalo uyayigijima iComrades Marathon. Manje kukhona ungabazane ukuthi namaqhinga awaphusile embeleni wokuqeqesha. 

Phela bekubhekwe ukuthi abasubathi bakhe abanohlonzo futhi abanekhono  elimangalisayo baqhakaze kodwa bashaya udaka. 

NakwiTwo Oceans Marathon lihluleke lancama leli qembu ukunqoba njengoba nakwiComrades Marathon lihlulekile ukuthola indawo yabasubathi abalishumi  bokuqala. 

FUNDA NALA: URanga Chivaviro ucashe ngesithupha ngekusasa lakhe

Kumanje kulindeleke ukuthi liphinde lizibonakalise kwi-Absa Running  Marathon Ethekwini nakwiSoweto Marathon.