EzakamuvaIbhola

URanga Chivaviro ucashe ngesithupha ngekusasa lakhe

Sbongs Gumbi

Njengamanje ungomunye wabadlali okubhekwe ngabomvu ukuthi bazophelela kuliphi iqembu, kodwa uRanga Chivaviro uvele wagcizelela ukuthi yena usengumdlali weMarumo Gallants. 

IRichards Bay nokho seyike yakuveza ukuthi lo mdlali kuzoba ngowayo kusukela ngoJulayi 1 njengoba yamsayinisa inkontileka yesethembiso ngoJanuwari. 

Kodwa kubukeka kusazoqubuka umbango ngaye, kanti naye uvele wacasha ngesithupha ngesikhathi ebuzwa ngekusasa lakhe ngabeSports Night Amplified With Andile kwiMetro FM ngoLwesibili. 

“Ukukhuluma iqiniso nje, ngisengumdlali weMarumo Gallants. Futhi okukhulunywawo kungamahebezi nje,” kusho lo mdlali. 

“Kodwa uma uRanga esazi ukuthi uyaphi, uzokwazisa wonke umuntu. Kodwa okwamanje, uRanga Chivaviro ngowemarumo Gallants.” 

Uma ecindezelwa ngodaba lweRichards Bay ngokuthi ngabe kukhona yini akusayina nayo, uvele wayikhomba kwimenenja yakhe indaba. 

“Ngalokho, izingxoxo zaba khona kodwa angaifuni ukungena kakhulu kukho. Ngicabanga ukuthi okubalulekile okwamanje wukuthi uRanga Chivaviro ngoweMarumo Gallants. 

“Ukukutshela iqiniso nje, angifuni ukuphawula ngalento ngoba izodala ukudideka okungenasidingo.” 

IKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu amgaqele lo mgadli oshaye amagoli angu-17 kule sizini. Futhi sekuke kwavela ukuthi ixoxa neRichards Bay ngaye. 

Leli qembu laseNaturena kuthiwa belishutha izithombe zesini entsha, uRanga Chivaviro ube esebuzwa ukuthi naye ngabe ubekhona yini lapho. 

“Mina ngisekhaya eSecunda (eMpumalanga). Ngike ngaba seGoli kodwa bengizobona umama nendodakazi yami ehlala naye. 

“Bekukhona amaphepha engane okumele ngiwasayine. Manje sengiseSecunda. Ngizama ukuziphumuzela umqondo. 

“Ngokokuthi ngifuna ukudlala kuphi, ngatshela imenenja yami. Iyona ethola izingcingo ngalokho. 

“Uma kwenzeka kuba khona othinta mina, ngimdlulisela kuyo. Iyona eyaziyo ukuthi ngifuna lokhu nalokhuya. 

FUNDA NALA: AmaZulu asemtholile umqeqeshi omusha, usenegama lesiZulu

“Ngakho ngeke ngikwazi ukucacisa njengamanje ukuthi ngabe uRanga uzophelelaphi. Mina ngikhuluma ngento esesandleni kimi, njengamanje lokho wukuthi ngingumdlali weMarumo Gallants.”