UKhuliso Mudau uvuma eyokukhathala kwabeSundowns
Ukudlala imidlalo emibili ngeviki kusukela kuqale isizini sekuqalile ukuzwela kubadlali beMamelodi Sundowns, ngokusho kukaKhuliso Mudau.
Lesi sitobha seSundowns besikhuluma ngemuva kokuthi bebuye kuleli besuka e-Algeria labebe dlala khona oweCaf Champions League.
ISundowns ibuyise isithunzi ishaya iCR Bekouzdad ngo 4-1 emdlalweni womlenze wokuqala ekuhambeni.
Lo mphumela usuyibeke endaweni enhle iSundowns futhi isethubeni lokungena esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
“Kukhona ukukhathala okuncane kodwa sinomunye umdlalo obalulekile ngoLwesibili,” usho kanje uKhuliso Mudau.
ISundowns izogadulisana neRichards Bay eLoftus Versfeld emdlalweni weDStv Premiership.
UKhuliso Mudau uthi bayazi bese kungathi bayadembesela emidlalweni embalwa edlule ngakho bafuna ukubuyisa isithunzi.
“Umuzwa usesimweni esifanele. Kumele sinqobe… Besilokhu sidlala ngokulingana saphinde sehlulwa.
“Sekumele sibuyele emgqigqweni ethu wokuwina,” kusho lo mdlali owasayina kwiSundowns esuka kwiBlack Leopards.
Uthi iRichards Bay yiqembu elihle futhi elidlala ibhola elihle elizobanika umdlalo omuhle. “Bayiqembu elihle. Thina imiphumela iyasiphika kodwa uma singaya kulo mdlalo ngomdlandla nokuzimisela, singawunqoba.”
UKhuliso Mudau uthe okwamanje bazoke bakhohlwe yiChampions League, bagxile kulo mdlalo weligi.
ISundowns seyivele isidlile isicoco seligi kuleli yize kusasele imidlalo emine isizini isongwe.
Njengamanje seyidlalela ukuqopha amarekhodi amasha njengoba ifuna ukubeka amaphuzu angu-80 ekupheleni kwesizini.
“Siba amahora angu-24 ukubheka umphumela womdlalo osudlule. Sinqobile ngakho sibe nokujabula ngalokho.
“Kodwa manje sesiphumile lapho, sesibheke phambili emdlalweni ozayo,” kuchaza yena.
FUNDA NALA: UKhuboni udalula isu lokuvuselela iBafana Bafana nebhola kuleli
Ube esenxenxa abalandeli beSundowns ukuthi baphume ngobuningi ukuzobafaka umdlandla kule midlalo esele.
“Singakujabulela ukuthi abalandeli baphume ngobuningi ngoba umsindo wabo usifaka amandla, usisize sinqobe.”