EzakamuvaIbhola

Kumele abhukule amaqembu aKwaZulu-Natal, aphoxile kulokhu

Sihle Ngubo

Injabulo ebifike nokuthi asemahlanu amaqembu aKwaZulu-Natal kwiDStv Premiership iphelele emoyeni sekusongwa isizini ka-2022/23. 

Kube nokuhlokoma okukhulu ngesikhathi iRichards Bay inyukela kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini eyandulela le ephelayo. 

Lokhu kwakungoba bekubukeka amaqembu aseKZN ezokwenza kahle esemahlanu kule ligi. 

INatal Rich Boyz esigabeni esiphezulu ifice AmaZulu FC, yiLamontville Golden Arrows, yiRoyal AM neMaritzburg United.

Ziqale kahle izinto iRichards Bay iwina imidlalo yeligi nokwenze yahlala endaweni yesibili kwilogi isikhathi eside. 

Kucacile ukuthi leli qembu likaJomo Sibiya ngeke lidliwe yizembe nokuthi belinethuba lokungena kwiTop 8, lidlale iMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.

Nokho kushintshile konke lokho futhi iRichards Bay igcine isibalwa naqembu abevika izembe. 

Igcine iqede endaweni ka-13 kwilogi ngamaphuzu angu-33. Ikwaze ukushaya amagoli angu-20 kuphela yadedela angu-30.

I-Arrows yona ayiqalanga kahle kodwa kube khona ithemba maphakathi nesizini seyivukile emaqandeni. 

Igcine ihlulekile nayo ukungena kwiTop 8 njengoba iqede endaweni  yesishiyagalolunye kwilogi. Ishaye amagoli angu-32, yadedela angu-40 yagcina inamaphuzu angu-38.

Kube yisimo esicisho sifane nakwiRoyal AM eqede endaweni ka-11 kwilogi ngamaphuzu angu-35. Leli qembu beliqede endaweni yesibili ngesizini ka-2021/22. 

Nokho kulokhu akuvumanga njengoba lishaye amagoli angu-33 kuphela ladedela angu-43.

AmaZulu FC nawo abe nesizini embi kakhulu agcina engangenanga kwiTop 8. Usuthu ludlale kowamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates ngesizini edlule kodwa kulokhu luzobuka lukude amanye amaqembu edlala kulo mqhudelwano.

AmaZulu aqede endaweni ka-12 kwilogi ngamaphuzu angu-33. Akwaze ukushaya amagoli angu-29 adedela angu-33.

IMaritzburg yona yenze isizini yamaqembu aKwaZulu-Natal yamuncu kakhulu njengoba igcine idliwe yizembe. 

Ibiqede endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-30 yase iyodlala imidlalo yokuhlunga. Ihlulekile ukubuya lapho njengoba seyehlele kwiMotsepe Foundation Championship.

Emaqenjini amahlanu aKwaZulu-Natal alikho elingathi lenze kahle njengoba wonke ehlulekile ukuhlanganisa amaphuzu angu-40 nobekungawafaka kwiTop 8.

Kunalokho kukhale izembe kwiMaritzburg sehla isibalo samaqembu kulesi sifundazwe.

FUNDA NALA: Kushiya imibuzo ukubhacaza kwabeHollywoodbets AC kwiComrades

Kuzomele abhukule ngempela ngesizini ezayo amaqembu aKwaZulu-Natal angashayi lolu daka abeluxova isizini yonke.