EzakamuvaIbhola

U-Andile Jali ubuyele ejimini, ngabe uyaphi? uMakaab uyachaza

Sbongs Gumbi

Omunye wabadlali okubhekwe ngabomvu ukuthi bazophelelaphi njengoba kuzovulw aiwindi lokusayina abadlali ngu-Andile Jali. 

Ukuthi uyaphi lo mdlali oneminyaka engu-33 yinto okuqale ukuqagulwa ngayo kusukela ededelwe yiMamelodi Sundowns emavikini ambalwa edlule. 

ISundowns yamemezela ukuthi ngeke iyivuselele inkontileka yakhe sekusele ngaphezu kwancane kwenyanga iphele njengoba kusongwa uJuni. 

Lokhu kwenzeke kade u-Andile Jali evele emisiwe eqenjini ngezinsolo zokungaziphathi kahle. Ngemuva kwalokho uJali ube eseziyela eholidini. 

Ubefaka ezinkundleni zokuxhumana izithombe namavidiyo akhe ezingcebelekela nabangani bakhe abagibela nabo izithuthuthu bangakubo eMatatiele.

Kodwa kuleli viki ube eseqala ukujima ngayedwana, okuvuthele amahlebezi okuthi uselitholile iqembu azodlala kulo ngesizini ezayo. 

Okuxake abaningi wukuthi ngosuku lwakhe lokuqala lokuzicija ubegqoke ivesti leSundowns. 

Lokhu kudide abaningi, abangazi noma kusho ukuthi ubuyela kuyo. Nemenja yakhe, uMike Makaab uvele wazichela ngopharafini lezi zinsolo. 

Ngesikhathi ekhuluma noSimtho Dladla weGagasi FM, uMakaab uthe kusangenzeka uJali adlale isizini eyodwa ne, qede wangaqedela. 

“Uyazi uma ukhuluma ngomdlali othile ofana no-Andile Jali, kuningi ukuqagula ngaye kwabezindaba,” kusho uMakaab. 

“U-AJ ngikhulumile naye namuhla, futhi useqalile ukuzicija ngokwakhe. Lokhu ukwenzela ukuthi iqembu elimsayinayo limfice esesimweni esihle ngokomqondo nangokomzimba. 

“Nginethemba lokuthi ngeviki elizayo kuzobe sekucacile ukuthi isinyathelo sakhe esilandelayo simholelaphi. 

“Ungakushiyi ke ngaphandle ukuthi aphinde enye isizini ne… Nokuthi angase aye eMiddle East noma eChina.” 

Kuke kwanemibiko ethi uJali uzobuyela eqenjini azakhela igama kulo ngaphambi kokuya phesheya i-Orlando Pirates. 

FUNDA NALA: Usuthu lufike evele engasemuhle uVictor Letsoalo kwiSekhukhune

NoMakaab useke wakuveza phambili ukuthi uJali akaziswele izesheli futhi ezinye zazo ziseGauteng. Vele ke akufanele uJali aliswele iqembu ngenxa yamava akhe.