EzakamuvaIbhola

IRichards Bay isibagxalile abaqeqeshi, isele nowonozinti kuphela

Sbongs Gumbi

Ukugqoza kwemiphumela emihle ngasekupheleni kwesizini sekuholele ekutheni iRichards Bay ibakhombe indlela abaqeqeshi.

Bekulokhu kunokuqagela ngokuthi kuzokwenzekani ngabaqeqeshi kuleli qembu njengoba beyisivele iqalile ukufuna abanye.

Igeje kancane kuJosef Zinnbauer oke wacija i-Orlando Pirates ebixoxa naye kodwa wathathwa yiRaja Casablanca seyithembile.

Kuvela ukuthi bese kusele kancane kuvunyelwane phakathi kwakhe neRichards Bay kodwa kwafika labomacaphuna kusale baseMorocco bamhhaka.

Naye ke bekungelula anqabe njengoba ngaphezu kwemali enhle, uzoyodlala kwiCaf Champions League neRaja.

Lokhu ke sekushiye iRichards Bay nomsebenzi wokuthola omunye umqeqeshi okubonakala ezovunyelwa ukuziqokela ithimba lakhe njengoba bexoshiwe bonke abebekhona.

OVasili Masounakis, Pitso Dladla noRonnie Govender bakhonjwe indlela ngokubika kwabeSABC Sport. Imenenja uJames Dlamini ikuqinisekisile lokhu ekhuluma noKhozi FM ngoLwesithathu.

“Sesibakhululile abaqeqeshi. Sebetsheliwe ngalokhu,” usho kanje uDlamini. Manje iRichards Bay seyithungatha abanye abaqeqeshi.

“Sithungatha ithimba labaqeqedhi elisha kumanje. Sisele nomqeqeshi wonozinti kuphela.”

Njengoba uZinnbauer ephunyukile, uDlamini uthi bakhona abanye ababheka kubo. Ubalule ababili yize engavumanga ukubadalula.

“Sinabo ababili esibheka kubo, esimfuna kakhulu ukwelinye iqembu njengamanje, lo omunye ulethiwe kithi kodwa akukho okwamanje osekuvunyelwene ngakho.”

Impempe ithole ukuthi omunye wabo nguMandla Ncikazi okwiPirates njengamanje. UNcikazi wenza umsebenzi omuhle ngesikhathi eqeqesha iGolden Arrows.

Nokho imizamo yokumkhipha kwiPirates kubukeki izophumelela njengoba esafuna ukuncela ulwazi kuJose Riveiro ayiphini lakhe kwiPirates.

FUNDA NALA: U-Andile Jali ubuyele ejimini, ngabe uyaphi? uMakaab uyachaza

UNcikazi wakusho ukuthi kuningi uRiveiro noSergio Elmenara abanakho okuzomkhulisa njengomqeqeshi.