EzakamuvaIbhola

Kuvela okwenza isimo esimuncu kuMaZulu

Abanye babadlali baMaZulu FC badlala benengcindezi enkulu – lokhu kuvezwe abasondelene neqembu.

Kuvela ukuthi isimo asisihle ekhempini yoSuthu ngenxa yalesi simo njengoba nesomqeqeshi uqobo singacaci. 

Sebedlala bejeqeza abanye babadlali ikakhulukazi labo abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwesizini.

Lokhu kungenxa yokuthi abaphathi beqembu abayikhulumi nhlobo eyokuvuselela izinkontileka. 

Lesi simo sesibangele nomqeqeshi ingcindezi njengoba naye akalazi nhlobo ikusasa lakhe kuleli qembu njengoba umengameli walo, uSandile Zungu ungumalala ephenduka.

Ngokuthola ngomthombo osondelene kakhulu nabadlali baMaZulu FC, isimo simuncu kumanje ekhempini. 

Lo mthombo uphinde waveza ukuthi abadlali baMaZulu abaneme nangezinye izinto ezenzeka eqenjini njengoba besanda kwehliselwa imiholo.

“Umuntu ongaphandle angazitshela ukuthi iqemi lizidonsela kanzima nje kanti kunezinto eziningi ezenzekayo ezenza isimo singabi sihle. 

“Ukuthula kwabaphathi ngezinkontileka ezintsha kuyabathikameza abadlali ngokomqondo,” kusho lo mthombo.

Uveze ukuthi kumanje abaphathi sebeminyele ukuthi iqemu likwazi ukunqoba iNedbank Cup ukuze licoshe amasenti azokwehlisa isisindo. 

Usuthu luzodlala umdlalo onzima kakhulu kwiNedbank Cup njengoba lizobhekana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngo-Ephreli 13. 

Ngaphambi kwalokho luzobhekana neCape Town City ekuhambeni ngeSonto ntambama.