Usuthu lufike evele engasemuhle uVictor Letsoalo kwiSekhukhune
Njabulo Shezi
UVictor Letsoalo uzobe egijima kuMaZulu FC ngesizini ezayo njengoba leli qembu selimthengile kwiSekhukhune United abedlala kuyo.
Lo mgadli ungomunye wabadlali Usuthu oluzoqinisa ngabo ngesizini ezayo. Impempe ithole ngoLwesibili ukuthi sekuvunyelwene ngokudayiselana ngaye.
Kuvela nokuthi akubanga nzima kwiSekhukhune ukudedela uVictor Letsoalo ahambe njengoba ubesenyamanambana.
Umthombo uthi yize engakaze atshelwe emehlweni lo mgadli, kodwa lento ayenza emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup imakhele isigcwagcwa kwiSekhukhune.
UVictor Letsoalo wabamba ibhola ngesandla esebhokisini bebhekene ne-Orlando Pirates, unompempe walibeka emlotheni.
Lesi sehlakalo sasusa umsindo njengoba abanye bagxeka uThembinkosi Lorch ngokuzama ukumbambisa ibhola ekubeni eselele phansi.
Wayekade eshayisane nomdlali wangakubo qede walala phansi ezenza olimele. Kodwa wabuye wazama ukumaka, wathi uma ehluleka walintshontsha ngesandla.
“Ngiqeda kuzwa manje nje. Bathi udedelelwe ukuthi wabamba ibhola ngesandla,” kusho umthombo weMpempe.
“Beyingakaze ikhulunywe le ndaba yakhe futhi akekho owamsola ngayo kodwa naye wayebona ukuthi umoshile.
“Kwakumele axolise nje kahle eqenjini, kodwa kwathi noma abanye bemcebisa ngalokho yena wenqaba. Yingakho ke bengabanga nenkinga ngokumdedela.
“Cabanga nje ngoba iqembu liya (kwiCaf) Confederation Cup futhi ubezidingeka naye kodwa bavele bavuma uma AmaZulu ezocela ukumthenga.”
Lo mthombo uphinde waveza ukuthi leli qembu laseLimpopo selithembe ukuthi iPirates izophinde ibanike uTshegofatso Mabasa nangesizini ezayo.
“Bafuna abuye uMabasa kanti bazofaka nesicelo sokubolekwa noZakhele Lepasa ngaphezulu uma kuwukuthi iPirates ayimdingi nakulookhu,” kusho lo mthombo.
FUNDA NALA: UCijimpi uthembisa ukuwaphendula ibutho lohlobo AmaZulu
UMabasa ubevele ebolekiswe kwiSekhukhune ngesizini edlule. ULepasa yena ubebolekiswe kwiSuperSport United njengoba iPirates inenqwaba yabagadli.
Kuvele ke kuvela ukuthi nayo ikhona futhi embangweni oshisayo wokusayina uRanga Chivaviro obevutha engabaselwe kwiMarumo Gallants edliwe yizembe.