UCijimpi uthembisa ukuwaphendula ibutho lohlobo AmaZulu
Sbongs Gumbi
UPablo Franco Martin, noma sithi nje uCijimpi, osanda kuqashwa ukucija AmaZulu FC, unalo ulwazi ngokuthi yini abhekene nayo kulo msebenzi wakhe okusha.
Le nsizwa yaseSpain ingene esikhaleni esivuleke ngemuva kokusula kukaRomain Folz. Wesule nje ubevele kade esemisiwe.
Wamiswa kusele imidlalo eyisithupha kuphele isizini, kwabe sekubamba u-Ayanda Dlamini. Nokho naye akenzanga okutheni, wabe eseshenxiswa.
Ekhuluma okokuqala ngemuva kokwethulwa kwakhe ngokusemthethweni, uCijimpi, okuyigama lo mqeqeshi aphiwe lona ngumengameli woSuthu uSandile Zungu, uthi uyalazi leli qembu.
“Ngijabule ngampela. Sengiwaze isikhathi eside AmaZulu, ngilokhu ngiwalandela. Ngiyazi ayiqembu elikhulu futhi elibaluleke kanjani,” kusho uCijimpi.
“Ngiya kuwo ngenhloso yokwenza umlando ngokuwabuyisela endaweni ewafanele. Ngenhloso yokwenza abalandeli nabo bonke abasondelene neqembu baziqhenye ngomsebenzi wethu.”
UFranco Martin kulindeleke atheleke kuleli ngeviki elizayo esezoqala lo msebenzi wokuba nguCijimpi, acije Usuthu luphinde lube yibutho elihlabanayo.
Uthi usijwayele isimo sePSL njengoba ebelokhu eyilandela le ligi kule minyakan emihlanu emihlanu edlule. Bakhona nabadlali abake badlala kuleli asebenze nabo phambilini.
UCijimpi uke waqeqesha owayedlala kwi-Orlando Pirates uBernard Morrison ngesikhathi ekwiSimba SC eTanzania.
“Senginesikhathi eside ngiyibula imidlalo yePSL, cishe iminyaka emine noma emihlanu manje. Kukhona nabadlali abake badlala kwiPSL esengike ngasebenza nabo.
“Bengilokhu ngikhuluma nabo ngezinga lePSL. Ngiyazi iligi enzima impela la noma yiliphi iqembu lingashaya noma liphi.”
UFranco Martin ukholwa wukuthi AmaZulu asezingeni elingcono kuneSimba futhi engawenza abe yiqembu elingcono kakhulu.
“Sengivele ngike ngaba nemidlalo ne-Orlando Pirates emiqhudelwaneni yeCaf. Ngaleso sikhathi bewubona ukuthi izinga lamaqembu aseTanzania, ngisho amakhulu njengeSimba alifani nelePirates.
FUNDA NALA: UJannet Mbhele weXcel wavala ihlazo leKZN kwiComrades
“Kodwa noma kunjalo sakwazi ukuncintisana nayo. Manje ke uma ngakwazi ukuncintisana nayo ngeSimba engekho ezingeni, nginesiqiniseko ngingenza kangcono ngaMaZulu, silwele izicoco.”