EzakamuvaEzokusubatha

UJannet Mbhele weXcel wavala ihlazo leKZN kwiComrades

Alfred Ngubane

I-Xcel Running Club igile izimanga kwiComrades Marathon njengoba uJannet Mbhele  eyitholele ephume kwabokuqala abalishumi esigabeni sabesifazane. 

Yilo leli qembu eligqibe ihlazo leKwaZulu-Natal kulo mjaho ngokuba nomsubathi ongene kwabokuqala balishumi. 

Omunye umgijimi wale nhlangano, u-Ayanda Ngcobo yena wazihola phambili kwabesilisa kodwa waphuma ebangeni lika-60m. 

Ekhuluma neMpempe, uJannet Mbhele uthi ubonga umqeqeshi wakhe omcushisile ukuze akwazi ukuthola le ndawo aphume kuyo. 

“Wangitshela ukuthi kusele abasubathi ababili phambi kwami. Wathi angiqinise ezinyaweni,” kusho le ntokazi ebuyigijima okokuqala iComrades. 

“Nebala ngenze njalo, ngakwazi ukubadlula.” UJannet ubegijima iComrades Marathon  yakhe yokuqala futhi bekungabhekiwe akwenzile. 

Ngaphambi komjaho isikhulu seXcel uMandla Mngomezulu  satshela Impempe ukuthi uyozwa amanzi ngobhoko. 

Wathi ufuna ukuthi afunde okuthile futhi athole namava ukuze ngeminyaka ezayo enze kangcono. 

FUNDA NALA: Okungajwayelekile iPolokwane inikwa indebe  yeChampionship

Kodwa ukungena kwakhe endaweni yeshumi kulo mqhudelwano eqala sekwenyuse amathemba okuthi ngokuzayo uzokwenza kangcono kakhulu.