EzakamuvaIbhola

Motale: Abadlali bakudala kumele bayeke ukuba ngoKhangeziwe

Alfred Ngubane

UJapie Motale ukholwa ukuthi abadlali asebaphanyeka amakhokho emgibeni kumele basebenze ezitolo, ezinkontilakini bashayele namatekisi ukuziphilisa. 

Uthi lento yokulinda ukuthi bonke bazoqashwa amaqembu ababedlala kuwo ukuthi bazoqeqesha ezinkulisa iyimbambezela. 

“Akusiyena wonke umuntu owadlala ibhola ozokwazi nokuqeqesha, lokho kumele sikwazi,” usho kanje uJapie Motale, owayedlala kwiSuperSport United. 

“Bakhona mfowethu abanamakhono okuqeqesha, bakhona futhi abangenawo… Baningi kumanje abangasebenzi ndawo, asebephila kanzima ekubeni babedlala ibhola elinenkosi phakathi.”

Ukhuluma kanjena nje uJapie Motale, kunenqwaba yabadlali bakudala abaphila nzima kumanje. 

Abanye bakhala ngokuthi amaqembu ababedlala kuwo ayabayekelela, awababhekeleli ngemisebenzi ngaphakathi kuwo. 

UJapie Motale yayiphika ke eyokuthi baboshwe ngabhandelinye abadlali asebaliyeka ibhola, kuthiwe bahlupheka ngoba babedla imali budlabha.  

“Uyabona uma ngabe ungakhipha izitatimende zasebhange zabadlali bakudala ungambuleka amehlo. 

“Ungabona ukuthi (abanye) imali babengayidli namantombazane kodwa iyona ebingekho kwanhlobo ebholeni phambilini,” kuchaza uJapie 

Le nkakha ingumfowabo omncane ka-Edward Motale owaduma kwiPirates. UJapie yena wadlala kwiMamelodi Sundowns, SuperSport, Maritzburg United neBlack Leopards.

FUNDA NALA: Kuqhilika izihlathi kuPablo Martin kubuya umgadli woSuthu

Ungomunye wabadlali abagqama esikwatini sika-Under 23 sisabizwa ngamaGlug-Glug elaya kuma-Olympics okokuqala.