IRichards Bay icathamela umdlali ochithwa wuSuthu
Njabulo Shezi
Igaqele umdlali odedelwe womakhelwane iRichards Bay njengoba kuvela ukuthi ifuma uthuli omunye wabadedelwe AmaZulu FC.
Usuthu kusalindeleke ludedele inqwaba yabadlali njengoba umengameli walo athi bazonga ngaphezu kweshumi abazochithwa.
Yingakho ke iRichards Bay seyigxume yahlala, yashela omunye walaba. Nokho akukacaci ukuthi Usuthu lumdedela ngampela yini uLehlohonolo Majoro.
Abaphathi baMaZulu bagcina bethe bengafisa ukuthi bamnike esinye isikhundla eqenjini kwazise waqala ukudlala esigabeni esiphezulu kuwo.
UMajoro oseneminyaka engu-36, sekusondele vele ukuthi awabeke ethala amakhokho. Umthombo uthe uzobekelwa okuthile etafuleni.
“UMajoro ngomunye wabadlali iRichards Bay ebabhekayo ngesifiso sokubalanda izoqinisa ngabo iqembu,” kusho lo mthombo osondelene naleli qembu.
“Into engaba yinkinga wukuthi uzofuna imali eningi ekubeni iNatal Rich Boys ngeke ikhone ukukhona izizumbulu ngomdlali oyedwa.
“Uzokhumbula ukuthi iqembu like laba nezingqinamba zezezimali ngakho ayifuni ukusaphaza imali noma kungenasidingo.
“Kodwa yona iyamhalela impela futhi ibona engaba wusizo olukhulu kuyo ngenxa yamava akhe,” kusho lo mthombo.
Impempe isanda kubika ukuthi iRichards Bay izochitha oLuvuyo Memela, Khekuthula Tshabalala, Ndivuwo Mdabuka noNtsikelelo Nyauza.
Kuvela ukuthi lokhu kwenzelwa ukunciphisa izindleko nokuthi vele uMemela noNyauza bebengomaxhuga kupholile kuleli qembu.
Kuvele ukuthi uMemela nguyena obechiza ukotshi kakhulu futhi kucacela noma ngubani ukuthi ufuna ukuphathiswa okweqanda.
“Ubethi uma ethinteke kancane ejimini noma emdlalweni, angezi aze afike sekusondele umdlalo. Useyoze afike ngoLwesine noLwesihlanu ngoba azi ukuthi uzodlala ngenxa yamava akhe.
FUNDA NALA: ‘UNtseki uzobageza igilo abamngabazayo,’ kusho uClinton Larsen
“NoNyauza ubekwenza lokho kodwa bekubhoke uMemela, iqembu labona ukuthi le nto iyaphuma endleleni,” kusho umthombo.