UTinkler uveza okwashiwo uKhanyisa Mayo ngezesheli zakhe
Sbongs Gumbi
UKhanyisa Mayo ungomunye wabadlali obekubhekwe ukuthi ashiye kwiCape Town City aye kwelinye lamaqembu amakhulu kuleli njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.
Lokhu kungenxa yokuthi bekunemibiko ethi ugaqelwe yizinkunzi zaseGauteng – iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs – kodwa u-Eric Tinkler uthi akayi ndawo.
“Wonke umuntu ulokhu engibuza ukuthi bekunzima kangakanani (ukugcina uKhanyisa Mayo),” kusho uTinkler.
Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa isizini yeDStv Premiership eMultichoice City eRandburg ngoLwesithathu.
“Kodwa uKhanyisa wangena ehhovisi likasihlalo wathi, ‘sihlalo, angifuni ukuya ndawo’.
“Ngakho-ke, abenza kube nzima ngabezindaba… UMayo uzimisele, uyaziqeqesha nsuku zonke futhi usebenza ngokuzikhandla.
“Futhi ugxile entweni eyodwa kuphela, ukusishayela amagoli angu-20 kule sizini ezayo. Leyo yinhloso yakhe azibekele yona.”
UTinkler uthi uma uKhanyisa Mayo engakwazi ukwengeza amanye amagoli ngesizini ezayo, kungasiza iqembu liqede liphezulu kulogi, liphonsele iSundowns inselelo.
“Uma engathola amagoli angu-20, ngingajabula, lokho kungaba wengeze ayisishiyagalombili kunalawo asishayele wona ngesizini edlule.
“Uma sengeza amagoli ayisishiyagalombili esibalweni sethu samagoli angesizini edlule, besingaqeda silingana nePirates.”
Ngomgadli wakhe omusha, uJo Paciencia, uTinkler uthi usezingeni abalidingayo ukuze baqinise kubagadli.
“Simlande ngemuva kokuthi eke waziqeqesha nathi iviki lonke ngoFebhuwari, ngakuthanda engakubona.
“Ngicabanga ukuthi uyangena esitayeleni sethu, uyazwana nanendlela esidlala ngayo,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Eqinisweni ungumdlali onesiphiwo kakhulu futhi unokushesha njengoFagrie Lakay, okuyinto enhle ukuyibona.
Nokho lo mgadli wakhe omusha uzothatha isikhathi eside ukuthi azinze ngenxa yolimi njengoba engakwazi ukukhuluma isiNgisi.
“Kuyinselelo kuye ukuxhumana nozakwabo okwamanje. Nangokokulungela ukudlala usasemuva ngoba nangesikhathi elapha ngoFebhuwari uvele engenalo iqembu.
FUNDA NALA: Isiphinde yasika omunye umdlali osezingeni iPirates
“Ngakho-ke, izinga akhe lokulungela ukudlala yinto esisebenza kanzima ukuyilungisa.
“Kodwa ngikholwa ukuthi uma esewumqemane uzoba wusizo, asikhombise ukuthi asigejanga ngokumsayina kwethu.”