IPirates inethuba lokushanela zonke izindebe zePSL
SIHLE NGUBO
Kungase kuphele impelasonto i-Orlando Pirates seyithe congco kwilogi yeBetway Premiership, uma ishaya iDurban City, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3.30 ntambama.
Empeleni eZimnyama noma zingadlala ngokulingana kulo mdlalo weligi, zizoqhwakela kwilogi ngoba iMamelodi Sundowns, ezihola phambili, izobe imatasa nemidlalo yeCAF Champions League.
Njengamanje iPirates neSundowns benamaphuzu alinganayo angu-25, kodwa iBucs isalele emuva ngomdlalo owodwa.
Lokhu kunika iPirates ithuba elihle lokuthi ithathe ikhefu likaKhisimusi izihola phambili, nokuyinto ezoyinika ithemba lokwemuka nesicoco seligi ekupheleni kwesizini.
EZimnyama zishaye iChippa United ngo 2-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili, zaqeda ngegebe lamaphuzu ebelikhona phakathi kwazo naBafana Ba’Style.
Ukuphuma kwiChampions League kuchaza ukuthi iPirates isizobeka imiqondo ngokwanele emidlalweni yePremiership.
Ngakolunye uhlangothi amaqembu ebanga nawo, iSundowns neKaizer Chiefs, asezolokhu ehla enyuka ne-Afrika edlala imidlalo yeCAF.
IPirates inethuba lokuthatha indebe yesibili kule sizini, uma seyitholana phezulu neMarumo Gallants, emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoDisemba 6, ngo-6 ntambama.
Leli qembu livele selinqobe iMTN8 kulandela ukushaya iStellenbosch FC ngo 3-0 kowamanqamu, ekuqaleni kwesizini.
Konke lokhu kubeka iPirates ethubeni elihle lokushanela izindebe ezikhona eNingizimu Afrika, futhi nomgqigqo wayo wakamuva uyayivumela.
Ngesizini edlule iPirates ibinethuba lokuthatha iNedbank Cup neChampions Leguea, kodwa yagcina inqobe iMTN8 kuphela.
Nakanjani kulokhu izofuna ukwenza kangcono kwiNedbank Cup eshaywe kuyona kowamanqamu yizimbangi ezindala iChiefs, ngoMeyi, eMoses Mabhida Stadium.
Umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uzokwethemba ukuthi ukuhamba kukaMbekezeli Mbokazi ngeke kuliphazamise kakhulu iqembu lakhe.
UMbokazi kulindeleke ukuthi ajoyine iqembu elidlala kwiMLS, yase-USA, iChicago Fire, ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco, kusukela ngoDisemba 21.

