BUKA: ULifa Gqosha usengene komunye umsebenzi
SIHLE NGUBO
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uLifa “Mhlekazi” Gqosha, usenguthisha futhi uyawujabulela umsebenzi wakhe.
Le ngwazi eyakhe yathi qu kwi-Orlando Pirates noMtata Bush Bucks, idume kakhulu seyidlalela Amakhosi iyibamba emuva.
“Angikholwanga ngesikhathi lowo owayefunela iChiefs abadlali, uStanely “Screamer” Tshabalala efika ekhaya,” kusho uGqosha kwi-YouTube yeChiefs.
“Wacela ukukhuluma nobaba. Baqala baxoxa wase engicela ukuthi ngijoyine iChiefs.
“Ngesikhathi ngiya kwiChiefs ngayeka ukufundisa. Ngabona ukuthi izinto ziqondile ngesikhathi ngifika lapho kuziqeqeshela khona iChiefs.”
UGqosha wasuka kwiChiefs wayodlalela iDynamos, lapho egaxe khona amakhokho akhe emgibeni.
Ngemuva kwalokho uke wazama ukuqeqesha kodwa isimo sokushoda ngemali samphoqa ukuthi abuyele ekufundiseni.
Ube eseya eSoshanguve ePitoli, lapho eqale khona ukufundisa uGrade 6 noGrade 7.
“Izinto ezifana nokuthi izingane zibanga umsindo, zigijima zigqoke umfaniswano, zaqale zangixhela kancane. Ngazizwa ngilahlekile,” kusho uGqosha.
“Kwakungavumi ngemukele ukuthi yikhona lapho okumele ngibe khona.
“Nokho ngokuhamba kwesikhathi ngigcine ngijwayela futhi ngemukela.
FUNDA NALA: ULarsen uyifake ezweni loju nobisi iMagesi
“Kumele wakhe ubudlelwano obuhle nabantwana. Akukona nje ukuthi kumele ube uthisha kubona kodwa kumele bakubone njengomzali.”
Buka nansi ividiyo yakhe esekilasini efundisa ngezansi: