EzakamuvaIbhola

Isengozini yesigwebo esibucayi seFifa iRoyal AM

Njabulo Shezi

IRoyal AM isizidonsele amanzi ngomsele futhi ibhekene nengozi yokuhlawuliswa kanzima yiFifa kulandela ukungalandeli umyalelo wokukhokhela uSamir Nurkovic imali emkweleta yona. 

Leli qembu laseThekwini kuthiwa limkweleta uR12-million lo mdlali owazakhela igama kwiKaizer Chiefs. Ufike kwezikaMaMkhize esuka kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ephelile. 

IRoyal AM beyibekelwe umbandela wokuthi ukhokhe le mali, noma yenze isivumelwano sokuyikhokha ngaphambi kukaJulayi 19. Isigejile ke lesi sikhathi. 

Iphoqwa ukumkhokhela le mali nje lo mdlali akazange alikhahlele nakanye ibhola emidlalweni esemthethweni kuleli qembu. 

Wafika elimele, kwathi uma kuphela izinyanga ezine engeluleme, leli qembu likaShauwn Mkhize lamkhomba indlela. 

Wabe eselufaka kwiFifa udaba lokuxoshwa kwakhe ngoba ekhala ngokuthi akuhanjiswanga ngendlela efanele futhi ixhaphazekile. 

Ngokubikwa kwabeSABC Sport, ummeli kaNurkovic uDavor Lazic, ukuqinisekisile ngeviki elidlule ukuthi sebelinde inkokhelo njengoba belinqobile icala kwiFifa.

Lo mmeli uthi namanje abakatholi ngisho indibilishi kwiRoyal AM ngakho sebezodlulela phambili.

“Cha, asikakhokhelwa. Manje sesizofaka icala esigungwini esiqindisa ubugwegwe kwiFifa, sicele bahlawuliswe,” ucashunwe esho kanje lo mmeli. 

IRoyal AM ingase ihlawuliswe ngokumiswa ekubhaliseni abadlali abasha amawindi amabili kulandelana noma ithathelwe amaphuzu ngesizini ezayo. 

FUNDA NALA: Injabulo i-Opopo FC ixhaswa ngabe-10Bet ngezinsiza zokudlala

Amanye amaqembu akuleli ake abhekana nalesi sigwebo yiChiefs neSwallows. IChiefs yasilinda saze saphela. 

Yayigqetshwe kulandela ukuhluleka ukukhokhela iqembu laseMadagascar eyayithenge kulo u-Arohasina Adrianamarinana iFosa Juniors. 

AbeRoyal AM bacela ukungaphawuli ngalolu daba kuze kube luyaphethwa ngoba bethi abafuni ukuphazamisa ukusebenza kweFifa.