EzakamuvaiDStv Premiership

UMsimango weChiefs akumtatazelisi ukubhekana ne-TS Galaxy

Sbongs Gumbi

Emdlalweni weKaizer Chiefs neTS Galaxy, obengukaputeni weRockets, uGiven Msimango uthi kuzodingeka aqine ngokomqondo ukuze alawule imizwa yakhe. 

Lo mdlalo weDStv Premiership ungeSonto ngo-3 ntambama eMbombela Stadium, eNelspruit, futhi uthembisa ukuba ngumdlalo ohlabahlosile. 

Uma abadlali bebhekene namaqembu abebedlala kuwo okokuqala, bavamise ukwenganyelwa yimizwa ehlukene. 

Kungaba ngowozwelo noma owokufuna ukuzibonakalisa. Lokhu kuncika ekutheni umdlali ushiye kanjani kulelo qembu. 

Kodwa uMsimango yena ushiye kukuhle kwiTS Galaxy la abengukaputeni futhi eyilungu elihlonishwayo leqembu likaSead Ramovic. 

“Yilapho kudingeka khona ukukhula komqondo. Kuyaziwa ukuthi kuhambisana nemizwa ukudlala neqembu lakho lakudala,” usho kanje uMsimango. 

“Lapha sikhuluma ngabantu abakunika inkundla namathuba okuthi uvelele ezingeni eliphezulu lebhola kuleli, iPSL… 

“Kodwa lokho kumele ngikubeke eceleni bese ngigxila emsebenzini okumele ngiwenze manje.

“Kumele ngisebenzele iqembu lami lamanje, okuyiKaizer Chiefs. Yibona umndeni wami omusha okumele ngiwusize uthole amaphuzu amathathu.” 

Yize kuhambe abadlali abambalwa kwiGalaxy, okunguye uMsimango, uMelusi Buthelezi (oye kwi-Orlando Pirates),  Bathusi Aubass (oye kwiMamelodi Sundows) noTshegofatso Nyama (oye kwiCape Town City), uMsimango uthi iGalaxy iseyiqembu eliqinile.

“Babe nezinguquko eziningi, njengawo wonke amanye amaqembu. Kuhambe abadlali abambalwa abebebalulekile. 

“Kodwa abadlali ababasayinile basalibambile izinga eliphezulu futhi iqembu lidlala kahle.

“Kodwa thina sidinga ukunqoba ukuze sijabulise abalandeli bethu,” kuchaza lesi sitobha esineminyaka engu-25. 

FUNDA NALA: Useyilidovola kwiChampions League olaxazwe yiLeopards

Uveze nokweneliseka kwakhe ngendlela emukelwe ngayo eqenjini lakhe elisha, ikakhulukazi ngabalandeli athi babaluleke kakhulu.