UThobani Mncwango nesifiso sokuqeda indlala yamagoli kwiPremiership
Alfred Ngubane
Umgadli owazakhela igama kwiBaroka FC ngokushaya igoli elaphula izinhliziyo zabalandeli beKaizer Chiefs, uThobani Mncwango uthi usafuna ukukhuza ibuya kwiDStv Premiership.
Uthi usafuna ukuzvalelisa kahle njengoba avele wanyamalala nje. UThobani Mncwango uthi akalimele ndawo futhi ungumqemane.
Njengamanje udlala kwiMkhumbane Classic kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.
“Ngisafuna ukuzoba ngumxazululi wenkinga yamagoli kwiDStv Premiership njengoba abagadli bengawashayi nje amagoli.
“Ngisayazi inethi namanje. Ngifike lapha kwiMkhumbane Classic ngashaya amagoli ayisikhombisa emidlalweni emine,” kusho uMncwango.
“Ngisakulambele ukudlala kwiDStv Premiership futhi noma sengingadlala amasizini amabili nje kuphela.
“I-ABC Motsepe League ngadlala kancane kuyo phambilini isabizwa ngeVodacom League.
“Le ligi isiphenduke yaba ihlathi la amaqembu adlala kwiDStv Premiership etheza khona abadlali.”
Lo mgadli, oseneminyaka engu-35, udlale emaqenjini amaningi ehlukene kwiPremiership okukhona kuwo iPolokwane City, Bidvest Wits neBlack Leopards.
Esigabeni esikhokhelayo ugcine kwiCape Town Spurs isadlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ka-2020\21.
UThobani Mncwango ubemele iMkhumbane Classic ngesikhathi kuqahthwa amaqembu azodlala kwiPrimo Cup ebithulwa yiSafa KZN kuleli viki.
Ubonge laba baxhasi abasha ngokuqopha umlando ngale ndebe ezodlalelwa amaqembu e-ABC Motsepe League.
“Yinhle kakhulu ngoba izogqugquzela abadlali ukuthi bazimisele kakhulu kunakuqala,” kusho uMncwango.
FUNDA NALA: UBlom uphoxekile egajwa kwiBafana, uwukhomba kuye umunwe
Iqembu elizonqoba le ndebe lizohamba nesizumbulu sika-R50 000, elizoqeda endaweni yesibili lona lizogoduka no-R20 000, elizophuma isithathu lona lizothola u-R10 000.