UMuzhingi ucebisa uBongumusa Mthembu ngeComrades
Alfred Ngubane
UStephen Muzhingi uthi uBongumusa Mthembu useshonelwe yilanga, ngeke esaphinde alibone elidlalayo kwiComrades Marathon.
UBongumusa Mthembu ungumsubathi onamandla nozimiselayo kakhulu kodwa isivinini sabafana abancane sizomhlupha kakhulu, ngokusho kukaMuzhingi.
“Ngibonile ukuthi labafana baneshasha eliyisimanga, bagijimisa okwenyamazane iSpringbok futhi bahlakaniphile, bayakwazi ukugcina ijubane labo.
“Ngicabanga ukuthi uma kukhushukwa yilapho uBongumusa Mthembu ezokhona khona ukuthola indawo kwabayishumi bokuqala,” kuchaza uMuzhingi.
“Uma kwehliwa labasubathi abafana noTete Dijana, Ayanda Ngcobo, Daniel Matshailwe Moselakwe no-Onalenna Khonkhobe bayajakadula njengamathole ehlobo esuthi ubisi.
“Ngibona ukuthi kuzomele aqale abuyise indawo yakhe kwiComrades Marathon ngonyaka ozayo. Mina ngameluleka ukuthi athathe ikhefu unyaka owodwa angayigijimi iComrades.
“Lokho ngikusho ngoba bahlale bemgadile, kusamele ake asuke emehlweni abo khona bezokholwa nguye manje, bahlale kuTete Dijana.”
Uthi uDijana yena abakamnaki ngoba vele laba anabo ekhempini uyabehlula, futhi akakaveli kubo ongancintisana naye.
“UTete yena uvikelekile kuze kube manje ngoba abasubathi anabo enkambini yabo uyabashiya bonke futhi unobudlelwano obuhle no-Edward Mothibi.
“Ngicabanga ukuthi mhlawumbe uBongumusa Mthembu kuzomele athole abasubathi azobambisana nabo abanamava noma abazomsekela.
“Usebenze ngokuphindiwe kwiComrades kodwa bamnamathela njengamankentshane labasubathi bakaDave Adams.
FUNDA NALA: UFarouk Kadodia ufundile emaphutheni abaqhathe nezembe
“Bamfaka phakathi nendawo, bamyeke uma ngabe eyophuza amanzi. Uma ebuya lapho bamhlale belwela ukuthi aqathake ngempela bagcina bemqathazile njengoba agcina ngokuphuma endaweni ka-13 nje.”
UMuzhingi uwazi kahle lo mjaho njengoba awunqoba amahlanhla amathathu njengaye uMthembu.