Efstathiou: Idabhi yaseKapa izoyehlula eyasePitoli ngobukhulu
Alfred Ngubane
Usihlalo weCape Town Spurs, u-Ari Efstathiou uhlonza ukuthi lizokhuphuka izinga lebhola kwiDStv Premiership njengoba sekwande imidlalo yomkhaya.
Uthi kuzoba yindumezulu uma kuhlangana ezakhe iCape Town Spurs neCape Town City kwidabhi yaseKapa.
Lo mdlalo womkhaya uzolandela owe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngobukhulu kuleli, ngokusho kuak-Efstathiou.
Uthi oweSuperSport United neMamelodi Sundowns uzobalandela ngemuva ngokunjalo nowaMaZulu FC neGolden Arrows noma oweRoyal AM ne Golden Arrows.
“Ukwanda kwemidlalo yalolu hlobo kuzoletha isasasa kubalandeli bebhola ngoba owethu uzoshisa ngampela,” kusho lesi sikhulu.
Ukhuluma kanjena nje u-Efstathiou ezakhe neCity azibhekani futhi azikaze zadlala ngisho umdlalo wokungcwekisana yize zisedolobheni elilodwa.
Uthi bazoliqinisa iqembu ukuze liwazi ukumelana nezinselelo zokudlala esigabeni esiphezulu njengoba besanda kubuyela kuso nje.
ISpurs ingene kwiPremiership ngounqoba kweyokuhlunga la beyiqhathwe khona neMaeitzburg United neCasric Stars.
“Kumanje sisezinhlelweni zokuqinisa iqembu futhi kunabadlali abanohlonzo esikhuluma nabo kodwa engingeke ngikutshele bona okwamanje.
“Nokho okwamanje besisagxile kakhulu eqenjini lenkulisa leli elizodlala kwiDDC nabaqeqeshi balo. Asikabi naye umqeqeshi waleli qembu kodwa bakhona esinabo esizokhetha kubo.”
Khonamanjalo, u-Efstathiou ukuvezile ukuthi usafuna abadlali nakwamanye amazwe nokuthi bazohlala esigabeni esiphezulu njengoba bebuyile nje.
FUNDA NALA: UMuzhingi ucebisa uBongumusa Mthembu ngeComrades
“Asizelanga ukuzokwandisa isibalo samaqembu, singenele ukuzoqinisa ukuncintisana kwamaqembu nokulwela izicoco.
“Asizele ukuzojika nje bese sibuyela emuva, sizozinza impela nje,” kuchaza lesi sikhulu esibuyisele iqembu egameni lalo lakudala, salaxaza ele-Ajax Cape Town.