EzakamuvaIbhola

UFarouk Kadodia ufundile emaphutheni abaqhathe nezembe

Alfred Ngubane

Usihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia uthi bazoqala ngeviki elizayo ukudalula izinhlelo zabo zesizini ezayo. 

Uthi bazobe sebedalula nabadlali abasha nomqeqeshi ozonikwa umsebenzi wokukhipha leli qembu ehlathini, alibuyisele kwiDStv Premiership. 

Into yokuqala ezokwenziwa, ngokusho kukaFarouk Kadodia wukuthi abahlwayi bekhono beqembu lakhe bazobahambela imiqhudelwano yebhola yasezindaweni zasemakhaya nasemalokishini beyobheka abadlali. 

“Kukhona abadlali esibabonile ngesikhathi kudlala imidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe  League,” kuchaza uFarouk Kadodia. 

“Iqiniso ukuthi baningi abadlali esibadedelile ngenxa yokuthi besingeke sikwazi ukuqhubeka nabo njengoba imali singenayo nje. 

“Kuzodingeka sisebenzise abadlali bethu abebekwiDDC (DStv Diski Challenge) abanohlonzo  abanye sizobadedela  babahambe beyofuna amadlelo  aluhlaza ngaphandle kweqembu,” kwengeza yena. 

IMaritzburg idliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule njengoba iqede endaweni ka-15. Kodwa yanikwa ithuba lokuzama ukuzihlenga ngemidlalo yokuhlunga. 

Nakhona kubhedile, yakhala ngaphansi njengoba kugcine kunyuke iCape Town Spurs nje. kube sekuqala ke isolwa ngokuthi ivele ayilimele idolobha laseMgungundlovu ngoba ayinabo abadlali bakhon.

Kodwa uFarouk Kadodia uzokujika lokho njengoba ethi bazosebenzisa abadlali abangaphezulu kwabahlanu  abaqhamuka eMgungundlovu namaphethelo.

“Ngisizwile isikhalo sabantu baseMgungundlovu ukuthi besingabaniki ithuba abadlali bendawo, besinika amathuba abadlali abaqhamuka eKapa. 

“Kodwa mina angazi ukuthi abantu ungabenzelani njengoba ngibanikile abadlali abaningi bendawo ngabadayisa kwi-Orlando Pirates. 

“Lapha ngokhuluma ngoSiphesihle Ndlovu noBandile Shandu. UPhilani Zulu naye wasuka la waya kwiKaizer Chiefs… Bengingeke ngime endleleni yabo uma bethola amadlelo aluhlaza. 

“Vele thina besingenayo imali yokubaholela lamaholo abebehehwa ngawo njengoba  bese bondla imndeni yabo.” 

Lo sihlalo uyayivuma neyokuthi ukudayisa kwabo abadlali babo abaphambili bese bengabatholi abazovala izikhala nakho bekubalimaza impela. 

FUNDA NALA: IRichards Bay seyimtholile umqeqeshi, owakuleli

“Inkinga engibona ukuthi siyenzile ukungavali izikhala zalabadlali uma behamba. Ngaqala ukuyibona ngoEvans Rusuke waseZimbabwe. 

“Samdayisa qede sathwala kanzima ngaleyo sizini, sahluleka ukuthola amagoli,” kuchaza uKadodia.