EzakamuvaIbhola

Inkakha ikhala ngoKhama Billiat ‘omosha indawo’ kwiChiefs

Sbongs Gumbi

Ukube kuya ngenkakha yeKaizer Chiefs uShane McGregor leli qembu belingeke lisamgcina uKhama Billiat uma kuphela le nkontileka anayo. 

Inkontileka yalo mdlali odabuka eZimbabwe iyaphela ngoLwesihlanu njengoab kusongwa uJuni nje. 

Nekanozinti oseneminyaka ecela kwengu-20 ekuleli qembu, u-Itumeleng Khune iyaphela. Nokho kubukeka zizovuselelwa. 

Empeleni nje Impempe yake yabika ukuthi ekaKhama Billiat seyivele ivuselelwe ngaphambi kokuphela kwesizini futhi usazohlala omunye unyaka eNaturena. 

NoKhune kubukeka ezogcinwa yize nawe engeke esanikwa eyesikhathi eside. UMcGregor, owadlala kwiChiefs ngabo-1990, ufisa agcinwe uKhune.  

“Ukukhuluma iqiniso nje, yini eyenziwe uKhama Billiat kusukela afika kwiChiefs? Akukuningi,” kusho le nkakha kwabeSowetan kuleli viki. 

“Kunozinti (uKhune) yena usangaba ngcono ngokuhamba kweminyaka njengokuvamisile konozinti. Usangadlala eminye iminyakana. 

“Futhi yena (uKhune) usangasiza nokukhulisa abanye onozinti, ngakho yena usangamgcina.” 

Yize eseneminyaka engu-36, uKhune usevele ke uqalile nokuzilungiselela azokwenza uma eseyeke ukudlala. 

Yize iminyaka isamvuna, uKhune ukhutshazwe wukulimala ikakhulukazi ehlombe okuhlale kubuya kuzomphazamisa. 

Lokhu kwenza angakwazi ukugcina umgqigqo. Ngaphambi kokuqala kwesizini edlule wangenela izifundo zokucija onozinti ezazihlelwe yiSafa.  

UMcGregor akanankinga engako ngokugcinwa kwakhe, angayizwa kahle ekaKhama Biliat oneminyaka engu-32. 

“Ngokwami ukubuka, kungaba wukumosha isikhathi nje ukugcina uBilliat. Kodwa ke kunzima ngoba asazi ngobani abadlali abezayo nokuthi umqeqeshi ozayo uzomsebenzisa kanjani. 

FUNDA NALA: ISekhukhune nethuba lokubuyisela izinduku zishisa kwi-Orlando Pirates 

“Yena ungumdlali omuhle impela, uma ungakwazi ukumgcina esesimweni esilungele ukudlala, engalimele futhiejabule nasemoyeni wakhe, engakwenzela izinto zenzeke. 

“Kodwa ke kulesi sikhathi asasihlale kwiChiefs akakenzi lutho olubonisa ukuthi kumfanele ukuhlala,” kusho uMcGregor.