EzakamuvaIbhola

Angase ashiye umqeqeshi okhala ngokugxambukela kwesikhulu

Isikhulu esibhekelele ezokuxhumana kwiGolden Arrows sikuphikile ukuthi kunokungenelela emsebenzini womqeqeshi okwenzekayo kuleli qembu. 

UMnqobi Thusi, okhulumela Abafana Bes’thende, utshele Impempe ukuthi ayikho into enjalo futhi wonke umuntu wenza lokho akuqashelwe.

UmfokaThusi ubephendula imibuzo yeMpempe ngalokhu ekuthole komunye wemithombo yayo ethembekile.

Kuvele ukuthi umqeqeshi we-Arrows, uMabhuti Khenyeza akaseneme eqenjini njengoba ekhala ngokuthi kukhona abafuna ukumlawula ukuthi asisethe kanjani iskimu sakhe.

Izinto azihambi kahle kwi-Arrows muva nje njengoba seyihlulwe imidlalo emine kulandelana. Yagcina ukunqoba ishaya iKaizer Chiefs ngo-Okthoba 28.

“Ey, uMabhuti engase ashiye naye laphaya. Ukhala ngokuthi sekukhona ukumpintsheka emsebenzini wakhe ngoba kukhona abafuna ukumlawula.

“Uthi u(esigagula ngegama lesi sikhulu) usenokumtshela ukuthi akadlalise baphi abadlali, ayeke baphi,” kusho lona osondelene neqembu ocele ukungadalulwa. 

Uqhube wathi okunenga umqeqeshi kakhulu wukuthi ubona ukuthi bayamngabaza ngoba bekungenzeki lokhu esasebenzisana noVusumuzi Vilakazi.

Kodwa uThusi uyakuphika lokhu, uthi kungamampunge nje ukuthi kukhona ongenelela emsebenzini womunye kwi-Arrows.

“Ay,i njengoba usho nje nawe, amahhemuhhemu lawo. Kusho ukuthi abantu bayahhema nje,” kusho uThusi. 

“Asinalo ulwazi olunjalo thina eqenjini. Wonke umuntu wenza umsebenzi obhekene naye ngakho imenenja yenza umsebenzi wayo.

“Ngokunjalo nomqeqeshi wenza owakhe, akekho ogxambukela kowomunye.

“Nawe uhxumane nami ngokuthinta iqembu ngoba kungumsebenzi wami ukuhxumanisa iqembu nabezindaba.”