EzakamuvaIbhola

ISekhukhune nethuba lokubuyisela izinduku zishisa kwi-Orlando Pirates 

Sihle Ngubo

Kuzoba nempinda yomdlalo phakathi kwe-Orlando Pirates neSekhukhune United uma sekudlalwa imidlalo yeMTN8 ngo-Agasti.

La maqembu yiwona avale isizini ngomdlalo wamanqamu weNedbank Cup eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMeyi 27. 

Kuwine i-Orlando Pirates ngo 2-1 kodwa kwasala izinkulumo ezadonsa isonto lonke mayelana nephenathi eyatholwa eZimnyama kulo mdlalo.

ISekhukhune yayihamba phambili ngo 1-0 ngesikhathi ibhola lithinta umdlali wayo esandleni esebhokisini elele phansi. 

Abanye babona kuwuThembinkosi Lorch owakhahlela ibhola lathinta uVictor Letsoalo elele, kanti abanye babethi lo mdlali weSekhukhune uyena owaqhweba ibhola ngabomu ngesandla.

Konke lokhu kwasusa umsindo omkhulu emabhentshini amaqembu ikakhulukazi eleSekhukhune. 

Umqeqeshi wayo uBrandon Truter wayebhodla umlilo ngemuva kokubekwa kwephenathi, kanti nabanye ebhentshini lakhe kwakuthi abagwinye umuntu ezwa. 

Kwaba nzima kakhulu kwiSekhukhune ngoba iBucs yashaya igoli ekugcineni ngci, yakhala yemuka nendebe.

Impempe isanda kubika ukuthi lo mdlali usale enyamanambana kwiSekhukhune ngemuva kwalesi sehlakalo. 

Yingakho ingazange inanaze iSekhukhune uma kuvela AmaZulu ethi acela ukunikwa yena azodlala eThekwini ngesizini ezayo. 

Kumanje lo mdlali ubeqedela okuncane eThekwini ngaphambi kokuthi ethulwe kubalandeli beqembu. 

IBina Noko izovakashela iBucs kulo mdlalo we-quarterfinal yeMTN8, kusaphele izinyanga ezimbili yaphoxeka ePitoli ithembile ukuwina iNedbank Cup. 

Nakanjani konke kuzobe kusekusha emiqondweni yabadlali futhi izobe ifisa ukuyishaya iPirates.

Komunye umdlalo ongase ushube iCape Town City izokwamukela iKaizer Chiefs bese iSuperSport United itholane phezulu neStellenbosch FC. Womabili amaqembu aseKapa abedlala ibhola elihle ngesizini edlule.

Ompetha beligi iMamelodi Sundowns, bazovakashelwa yiSwallows FC kanti nawo lo mdlalo kulindelele ukuthi ushube. 

FUNDA NALA: IStellenbosch ifuna ozovala esikaMthethwa, seyimdedelele iChiefs?

Izinsuku nezinkundla kusazomenyezelwa yiPremier Soccer League (PSL) ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024. 

I-Orlando Pirates iyona evikela isicoco esithathe ngokudla AmaZulu FC ngo 1-0 nyakenye.