Ushaywa ngomzimba uHappy Jele kwiRoyal AM
Njabulo Shezi
UHappy Jele kungenzeka aphinde azithole esengumantuntanendishi futhi uma kuqala isizini ezayo njengoba iRoyal AM ingayithi vu eyokuvuselela inkontileka.
Ufike kuleli qembu laseThekwini ngoJanuwari. Ubekade esehlale izinyanga eziyisithupha engadlali.
Lokhu bekulandela ukuthi ashiya kwi-Orlando Pirates ayekhulele kuyo nebifuna ukuthi avele awaphose ethala amakhokho.
IPirates yayithembisa uHappy Jele omunye umsebenzi azowenza eqenjini, kodwa yena wanqaba wathi usafuna ukudlala.
Lokhu yayikwenza ngoba ubesehlale kuyo iminyaka engaphezu kuka-16, wadlala iimidlao engaphezu kuka-400 njengoba egcine esengukaputeni nje.
Ekhuluma nabeSowetan muva nje, uHappy Jele uthe unethemba lokuthi lo msebenzi ayewuthenjiswe yiPirates usakhona namanje.
“Ngicabanga ukuthi basamele mina ngoba ngokukhumbula kwami ngesikhathi sixoxisana, ngathi ngisafuna ukuyodlala kwenye indawo.
“Bangikhula ke bathi, ‘hamba ke uma usuqedile, sewenelisekile, ubuye, umnyango uvuliwe’,” kusho uHappy Jele emaviki ambalwa edlule.
Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-36 manje uthi ukholwa wukuthi uzofika usavuliwe lowo mnyango uma esewabeka ethala amakhokho.
Ngesikhathi eshiya kwiPirates, iSwallows FC yayimhalela kodwa yavinjwa wukuthi beyisabhekene nesigwebo sokungasayini abadlali.
Wabe esethathwa yiyo iRoyal AM le okuvela ukuthi seyiyamziba uma sekumele kwelulwe inkontileka. Ngokubika kwabe-Unplayable, leli qembu lisamshaya ngomzimba.
Kumele ngabe kumanje uyazi ukuthi uzobuyela kuyo njengoba amaqembu eqala evula, elungiselela isizini ezayo.
FUNDA NALA: Inkakha ikhala ngoKhama Billiat ‘omosha indawo’ kwiChiefs
Amanye amaqembu abuyele ejimini ngeviki elidlule, kanti amaningi avule ekuqaleli kwalo leli esiphezu kwalo.
Ngenxa yeminyaka asekuyo, akubonakali ezoba maningi amaqembu azogxumela ukumthatha kwazise nokulimala bese kuthanda ukumjwayela.