EzakamuvaIbhola

IStellenbosch ifuna ozovala esikaMthethwa, seyimdedelele iChiefs? 

Njabulo Shezi

Isiqalile iStellenbosch FC ukufuna umdlali waseswini okukholakala ukuthi uzovala isikhala sikaSibongiseni Mthethwa ofunwa uthuli yiKaizer Chiefs. 

Ngeviki elidlule Impempe ikhulume noSteve barker ongumqeqeshi weStellies wathi ubengakezwa lutho oluvela kwiChiefs nganoma yimuphi umdlai wakhe. 

Kodwa umthombo osondelene noMthethwa uveze ukuthi sekuqaliwe ukuxoxisana futhi sekuseduze kuvunyelwane. 

Impempe iphinde yathola ukuthi iStellenbosch seyiqale ukubheka abadlali basesiswini engavala ngabo isikhala. 

Kuvela ukuthi icabangela kuBathusi Aubass weTS Galaxy noGoodman Mosele we-Orlando Pirates. 

“Uzobona. Kukhona okuzokumangaza ngenyanga ezayo uma iChiefs seyethula abadlali bayo abasha. U-Ox uzobe elapho,” kusho lo mthombo. 

IChiefs beyivele ifisa ukumsayina nangoJanuwari uMthethwa kodwa yanqaba iStellenbosch, ikhala ngokuthi izomtholaphi ozovala isikhala esikhathini esincane. 

“Uma ubheka kahle, isizini iphele uBarker evele esemsebenzisa ngokumonga u-Ox ngoba esezama abafana abancane endaweni yakhe ebheka azosala naye uma ehamba. 

“Manje usethumele ukuba kuyocelwa kwiPirates ukuthi imdedelele uMosele. Bafuna ukumthenga kodwa bengavuma noma bengabolekwa. 

“Nalo weGalaxy obekwiBafana naye sebemnombolile ukuthi engabasiza,” kusho lo mthombo ngoLwesithathu. 

IChiefs ke ivele izenza esithe izinto zayo njengoba seyisayine abadlali abathathu isinyelela, ishiya abantu bezibuza ukuthi ithuleleni kangaka. 

Seyivele ilande uMduduzi Mdantsane kwiCape Town City, uPule Mmodi kwiGolden Arrows, uGiven Msimango kwiGalaxy noThatayaone Dithlokwe kwiSuperSport United. 

Manje kuvela ukuthi isaxoxisana neMaritzburg United ngoRowan Human futhi kungenzeka imthole maduze. 

FUNDA NALA: IRoyal AM icacisa uhlangothi lwayo ecaleni likaSamir Nurkovic

“IMaritzburg ngabe seyimkhululile naye njengabanye ebadedelile njengoba idliwe yizembe. 

“Kodwa yena nabanye abambalwa ngeke ibakhulule ngoba ifuna ukwenza imali ngabo,” kusho omunye umthombo.