Selulungiswa ezingeni eliphezulu olombango kaRanga Chivaviro
Alfred Ngubane
Udaba lomgadli omusha weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro seluhlalelwe ezingeni eliphezulu kuwo womabili amaqembu ambangayo.
Ngokuthola kweMpempe lolu daba selusezandleni zosihlalo beRichards Bay uSifiso “Jomo” Biyela noweChiefs uKaizer Motaung.
Kuthiwa sekunqunywe ukuthi akuxoxisane bona ngokuthi bayisombulula kanjani le nkinga engase isuse umbango ngalo mgadli.
URanga Chivaviro ubangwa nje iRichards Bay ithi yamsayinisa inkontileka yesithembiso ngoJanuwari kanti iChiefs yona imthenge kwiMarumo Gallants.
Nokho iChiefs beyike yavela kwiRichards Bay phambilini iyocela ukudayiselwa lo mgadli kodwa kwaqhamuka iGallants seyithi ngowayo, akathengwe kuyo.
“Osihlalo yibo asebelungisa lolo daba, bayaxoxisana ngalo mgadli,” kusho uJames “Matatazela” Dlamini oyimenenja kwiRichard Bay.
Uqinisekise lokhu ngoLwesine ntambama ngesikhathi simbamba ephuma emhlanganweni wokuhlelela iKwaZulu-Natal Premier’s Cup.
UDlamini uphinde wagcizelela ukuthi bamsayina iminyaka embili nombandela wokwelula ngowodwa uRanga Chivaviro ngakho ngowabo.
Wenqabile ukuqagela ukuthi kungase kube yini ephuma kulezi zingxoxo zesohlalo, wathi akulindwe kubo yibo abaphuma nesinqumo bese besethula emphakathini.
Nokho ke kuvela ukuthi ubudlelwano phakathi kweChiefs neRichards Bay buhle njengoba beke bathengiselana ngabadlali phambilini.
Kulindeleke lolu daba baluphothule maduzane ngoba kumele aqhubeke namalungiselelo kwiChiefs noma aye kwiRichards Bay eyowaqala khona lo mdlali.
Ukusayinwa kukaRanga Chivaviro kwiChiefs kulethe injabulo kubalandeli njengoba ebonakala ezoqeda indlala yamagoli.
Kuvela ukuthi nasejimini muhle njengoba eke washaya amagoli amathathu emdlalweni wokujima, kwachazeka abaphathi.
FUNDA NALA: Isiphinde yagqabula ‘eWoolworths’ iDowns ilanda uRibeiro Costa
Kulindeleke izimanga kuye uma eseesehlangene kahle nozakwabo ikakhulukazi abasha njengaye okukhona kubo oMduduzi Mdantsane noPule Mmodi.