IRoyal AM icacisa uhlangothi lwayo ecaleni likaSamir Nurkovic
Sbongs Gumbi
ULeruma Thobejane, ongummeli weRoyal AM useveze uhlangothi lwabo ngecala abalifakwe nguSamir Nurkovic kwiFifa nesinqumo esikhishwe yile nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni.
Uveze ukungeneliseki kwabo ngesinqumo sokuthi kumele bakhokhele uSamir Nurkovic uR12-million ekubeni lungalalelwanga uhlangothi lwabo.
Ekhuluma nabeSports Night Amplified with Andile kwiMetro FM ngoLwesibili kusihlwa, uThobejane uthe ngeke avume iRoyal AM kudlalwe ngayo ngalolu hlobo.
“Inkinga wukuthi lesi sinqumo esakhishwa yiFifa sithathwe ngokubheka ubhangothi lukaSamir kuphela lokuthi wayekulungele ukudlala kodwa ezitshwa.
“Ngomtshelile lo mbhemu weFifa ukuthi indlela abahambise ngayo inokuyicindezela iRoyal AM futhi ngeke sikuvumele lokho.
“Umengameli weRoyal AM (uShauwn Mkhize) wayemfuna uNurkovic, kodwa asifuni abantu bese beqamba amanga. Phela sesingamane singabi nazo izinkontileka, sivele sikhokhele abadlali ukuthi bazihlalele emakhaya.
“Samkhokhela uSamir Nurkovic kulezi zinsuku ezingu-30 zesexwayiso sokuphela komsebenzi kodwa ngeke anitshele lokho,” kuchaza uThobejane.
Lo mmeli uthi yize uNorkovic wasesethole incwadi emxwayisa ngokuphela komsebenzi, kwakumele ahubeke nokuya emsebenzini kuze kufike usuku lokugcina.
Uthe iRoyal AM yayenza okufanele ngesikhathi ifaka uNurkovic eqenjini layo elalizodlala iMacufe Cup, futhi ukube wafika emsebenzini wayezokhokhelwa ngendlela efanele.
Uveze ukuthi babenemvume yokunqamula inkontileka uma etholwe enecala lokungaziphathi kahle noma lokungakwazi ukwenza umsebenzi wakhe.
UThobejane uthe bazimisele ngokusifakela inselelo isinqumo seFifa, wathi kungamanga nokuthi babebekelwe ujuqu kaJuni 19 ukuziphendulela.
Ephendula ngezinsolo zokuthi uSamir Nurkovic waxoshwa ngoba elimele, uThobejane ukuchithile lokhu.
FUNDA NALA: OwePirates ubhoboke ngokulinyazelwa imoto bezodlala neChiefs
Uthe akukho emthethweni ukuthi amaqembu anganqamula inkontileka yomdlali ngoba elimele nje kuphela.
UThobejane uthe uNurkovic wayengekho eqenjini ngesikhathi sokuxoshwa kwakhe engaziwa uyephi futhi wayengabhalisiwe njengomdlali weqembu.