EzakamuvaiDStv Premiership

IBay ivele yacisha ugesi, kwaphela umcimbi e-Orlando

Ifike sekudekwe amatafula e-Orlando Stadium iRichards Bay kodwa yavele yashipha qede yayowisha iswishi kagesi, kwaphela ngomcimbi.

IPirates beyingene enkundleni idinga ukunqoba ukuze inyukele endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.

Kodwa iphume seyiyobozela, iBay seyivulele induku, iyishaya ngo 1-0 wegoli likaSanele Barns elingene ngesiwombe sokuqala.

Leli goli lingene kade umdlalo uphethwe yiPirates futhi kubukeka izozidlela amahlanga kuleli qembu laKwaZulu-Natal.

Phela vele iBay iye kulo mdlalo ilengela eweni lezembe, idinga nje iphuzu elilodwa ukuthi iqinisekise ukusuka engozini. 

Manje osekuyisalele wukuthi izame ukunyuka, ibalekele ukungena emidlalweni yokuhlunga ukuze isinde ngokugcwele ezembeni. 

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iCape Town Spurs idliwa yizembe, isiyodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. 

KwiPirates, lo mphumela usho ukuthi uyeke ithuba lokunyukela endaweni yesibili, izibeke ethubeni lokuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.