ISundowns ithembisa ukuqondisa iziwengu ezihlasele ithimba labaqeqeshi
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns seyizwakalise ukugxeka isenzo sabalandeli bayo sokuhlasela ithimba labaqeqeshi, ngemuva komdlalo weCAF Champions League, leli qembu kade libhekene ne-Al Hilal yaseSudan ngeledlule.
Kulo mdlalo, ophele ngo 2-2 eLoftus Stadium, ePitoli, abalandeli beSundowns babesho ukubadla nezingubo oMiguel Cardoso, umqeqeshi, noFlemming Berg, iSporting Director.
Abalandeli abasamfuni nalapho ehambe khona uCardoso, yize iSundowns izihola phambili kwilogi yeBetway Premiership, kanjalo naseqoqweni leChampions League.
Bakholwa ukuthi uBerg uyena ovimbe ukuthi kuxoshwe uCardoso, futhi bafuna kubuyiswe uPitso Mosimane owake wenza izimanga kwiSundowns esayiqeqesha.
“ISundowns ihlale igqugquzela ukuzimbandakanya kwabalandeli okumele kwenzeke ngenhlonipho nokunakekela,” kusho isitatimende esithunyelwe yiSundowns.
“(ISundowns) ngeke ikuvumele ukusabisa, ukungaziphathi kahle noma ukubeka engcupheni okuvela kubalandeli bayo emidlalweni.
“Izinyathelo zomthetho nokuqondisa ubugwegwe kuzolandelwa, kuqondiswe kulabo abazotholakala ukuthi baphambuka noma bangayilandela imithetho yabalandeli beSundowns.
“Abadlali nethimba labaqeqeshi bagxile ekuvikeleni isicoco seligi nokuncintisana ngempumelelo kuzo zonke izindebe.
“Lokhu kungenzeka kuphela ngokwesekwa nokugqugquzelwa abalandeli beSundowns.”
Isifiso sabalandeli sokuthi kubuye uMosimane, sibukeka singeke sifezeke njengoba lo mqeqeshi esedlulisele phambili icala elithinta yena neSundowns.
Leli cala limlahlile uMosimane nyakenye, kwathiwa akakhokhele iSundowns imali elinganiselwa ku-R8 million.
Nokho lo mqeqeshi akayingeni leyo futhi emaphepheni asenkantolo kusanda kuvela ukuthi wasatshiswa ngokubulawa esaqeqesha leli qembu laseChloorkop.
Kuthiwa lokhu wakubika kuPatrice Motsepe, owayengusihlalo weqembu ngaleso sikhathi, kodwa wangayinaka indaba yakhe.
Kunalokho uMosimane kuthiwa watshelwa ukuthi akaxolise kuMotsepe, nalabo ayebasola ngokuthi babefuna ukumsoconga.
ISundowns inomdlalo onzima njengoba izobhekana neSekhukhune United, koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Ukunqoba lo mdlalo kuzokwenza ukuthi Abafana Ba’Style bahlale bazinze esicongweni selogi yeBetway Premiership.

