EzakamuvaIbhola

Ngeke agcinwe u-Andile Fikizolo ‘odembeselayo’ kwi-Arrows

Intatheli yeMpempe

IGolden Arrows seyimkhombe indlela u-Andile Fikizolo, kusaphele iminyaka emibili egijima kuleli qembu. 

Lo mdlali onekhono elihle, odabuka eNanda, uthwale kanzima ukuthola ijezi kulokhu njengoba ebesebuya okwesithupha kuleli qembu elizinze eThekwini.

U-Andile Fikizolo uqale ibhola enkulisa ye-Arrows ehlonishwayo ngokuthuthukisa amakhono abadlali abaningi asebezakhele igama ebholeni kuleli. 

Kodwa-ke, ngaphezu kwekhono lakhe, lo mdlali oneminyaka engu-29 ubhekane nokugxekwa ngokungawuphathi kahle umsebenzi wakhe webhola.

Ngokomthombo ongaphakathi, isinqumo sokudedela u-Andile Fikizolo sibangelwe wukwehluleka kwakhe ukuzitholela indawo eqenjini. 

“Bamyekile ngoba ubengasizi ngalutho eqenjini. Kumele acabangisise ngezinto ezibalulekile kuyena futhi ake agxile kakhulu  ebholeni lakhe,” kusho umthombo.

U-Andile Fikizolo akaziwa nje kuphela ngekhono lakhe enkundleni, kodwa ubuye aziwe nangethalente lakhe lomculo. 

Mhlawumbe yikho lokhu okumenza agcine engasagxili ngokwanele kokukodwa njengoba umthombo uthi unikiwe ithuba kodwa wadlala ngalo. 

FUNDA NALA: Nakhu okumele uMolefi Ntseki asheshe akwenze kwiChiefs

Njengoba uFikizolo ezoqala isigaba esisha emsebenzini wakhe, kusazobonakala ukuthi uzoyicabangisisa yini indlela azinikela ngayo ebholeni. 

“Ukugaxwa kwi-Arrows kuyisixwayiso, kumkhuthaza ukuthi ahlaziye kabusha izinto eziza kuqala kuye futhi azinikele ngokwengeziwe.”