‘IChiefs kumele ilande uHanamub,’ kusho uRobert Nauseb
Alfred Ngubane
URobert Nauseb owadlala kwiKaizer Chiefs phakathi kuka-1997 no-2001 unxusa leli qembu ukuthi lifongqe isigqoko licele uSandile Zungu alidayisele uRiaan Hanamub.
Ukholwa wukuthi lo mdlali wasemuva kwesokunxele engafike angene khaxa esitayeleni seChiefs.
UHanamub njengamanje udlala kuMaZulu FC. Kuke kwavela ukuthi i-Orlando Pirates iyamhalela kodwa yabuye yajika endleleni.
“Ngibona ukuthi engaba yisixazululo ngoba ungumdlali ozimiselayo, okwazi ukudlala evimba izitha aphinde ahlasele,” kusho uRobert Nauseb.
Ukhuluma kanjena nje uNauseb yingoba sekukaningi abadlali bakudala beChiefs bekhala ngale ndawo, bethi ibuthaka idinga ukuqiniswa.
Babona uSifiso Hlanti eyikhonco elibuthaka ngasohlangothini lwesobunxele njengoba engenayo umdlali oqinile abanga naye le ndawo.
NoRudolph Seale, owadlala kwiChiefs iminyaka eyishumi phakathi kuka-1986 no-1996, uhambe emagameni akhe uRobert Nauseb, ethi leli qembu kumele lithole umdlali wasemuva ohlangothini lwesobunxele.
“Le ndawo kudala kukhalwa ngayo kodwa abaphathi bengayinaki,” kusho uSeale owayebizwa ngelikaGardner ngezikhathi zakhe.
“Kwagcina ngoPunch Senamela, Marco Mthembu, David Nyathi, Tsie Maphike, Rudolph Seale noDavid Kennemayer ukuba nomdlali oqinile kule ndawo.
“Abanye abalandele kuMasenamela bashaye into engagculisi neze,” kugcizelela uSeale.
Umdlali obhaliswe njengobangisa uHlanti kule ndawo nguHappy Mashiane kodwa ijezi usalizwa ngendaba.
Futhi noma enikiwe ithuba akadlali ngendlela egculisayo nekhombisa ukuthi engasivala isikhala uma kwenzeka uHlanti elimala noma ethola ikhadi elibomvu.
Empeleni nje, emdlalweni wangoLwesithathu umqeqeshi weChiefs uMolefi Ntseki uvale ngoReeve Frosler kule ndawo njengoba uHlanti ubemisiwe.
FUNDA NALA: UMiddendorp ngathi wawugqabela umsebenzi, usethole iqembu elisha
Udlale ibhola elihle ke uFrosler esebenzisa ngobuchule unyawo lwesinxele yize eyisikudla yena.