UJunior Mendieta usengoweSundowns ngokugcwele
Njabulo Shezi
IStellenbosch FC isimemezele ukushiya kukaJunior Mendieta oye kwiMamelodi Sundowns. NeSundowns ikuqinisekisile ukuthi usekhona lo mdlali.
Imininingwane eqondile mayelana nezimali zokudayiselana nobude benkontileka akukadalulwa okwamanje.
Kodwa ukuya kukaJunior Mendieta kuleli qembu elizenzela umathanda kwiDStv Premiership akungabazeki ukuthi kuliqinisa ngokwengeziwe.
UJunior Mendieta, obe ngumdlali ovelele kwiStellenbosch kula masizini amathathu edlule, udonse amehlo emaqenjini ahlukene okubalwa kuwo neKaizer Chiefs.
Ake aqina amahlebezi okuthi lo mdlali uphezulu ohlwini lwabadlali abafunwa yileli qembu laseSoweto.
Nokho kube yiSundowns esayine lo mdlali wasesiswini onethalente, yashiya abebemfisa bencela izithupha.
IStellies isiqinisekise ukuthi imdayisile uJunior Mendieta kwiSundowns. Iqembu lizwakalise ukubonga ngamagalelo akhe amakhulu ngesikhathi ekulo.
“UJunior Mendieta usehambe ngokuphelele waya kwiMamelodi Sundowns,” kusho iStellies esitatimendeni ngoMsombuluko ntambama.
“Iqembu liyambonga ngomsenzi omuhle awenze ngokuzimisela kula masizini amathathu futhi limfisela okuhle njengoba eqala ikhasi elisha.”
UMendieta usevele usekhempini yeSundowns, futhi ubeyingxenye yeqembu ngesikhathi kushuthwa izithombe zokwethulwa kwejezi elisha le qembu.
Kuzomele asebenze kanzima ke nokho lo mdlali odabuka e-Argentina kwiSundowns kwazise uzolibanga nezinkunzi ezifana naye ijezi.
Uzolibanga noGaston Sirino, Themba Zwane, Neo Maema noMarcelo Allende phakathi kwabanye.
Osekubhekwe kakhulu nokho neSundowns wukuthi yibaphi abadlali ezobadedela njengoba kubhekwe ukuthi ivule izikhala zabasha.
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs seyethula abadlali abasha, kukhona noChivaviro ‘wochuku’
Seyivele ikuvezile ukuthi uBradley Ralani no-Andile Jali ngeke ibagcine kulandela ukuphela kwezinkontileka zabo kuleli qembu.