EzakamuvaIbhola

Ilandele iPirates noSuthu iBlack Leopards ngomqeqeshi waseSpain

Intatheli yeMpempe

IBlack Leopards seyilandele ezinyathelweni ze-Orlando Pirates, yaqasha umqeqeshi waseSpain ukuba azoyitakula njengoba ibhajwe kwiMotsepe Foundation Championship. 

Leli qembu elinabalandeli abaningi eVenda, libuye ngokuthenga isitifiketi selinye kade selidliwe yizembe kulesi sigaba. 

Kodwa lokhu ngathi kubavusile abaphathi ababe sebethi bazojika indlela abebenza ngayo izinto, bazame ukubuyisela iBlack Leopards esigabeni esiphezulu. 

Olokuqala kulezo zinguquko kube wukuthi lilande umqeqeshi oke wasebenza esikhungweni sokucija amakhono abafana abancane kwiReal Madrid u-Alejandro Dorado. 

UDorado, oneminyaka engu-38 wethulwe esithangamini nabezindaba eMeropa Casino, ePolokwane ngoMsombuluko ntambama.

Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eSpain uzophinde alande iphini azosebenza nalo elifunwa nguye. Uzogcinwa noPeter Mponda abe yiphini lesibili. 

UMponda wethulwe emavikini amabili edlule ngesikhathi iBlack Leopards nayo imemezela ukuthi isibuyele kwiPSL.

UDorado waqala umsebenzi wakhe wokuqeqesha enkulisa yezinkunzi zaseSpain iReal Madrid ngo-2012. 

Wabe eseqokwa njephini lomqeqeshi kwiFC Honka yaseFinland ngo-2018 lapho ahlale khona isizini eyodwa.

Ngo-2019, uDorado wathuthela eChina lapho abe yiphini lomqeqeshi eDalian Pro, eqenjini elidlala kwiChinese Super League. 

Kuleli qembu ubesebenza nomqeqeshi owake wacija iLiverpool neReal Madrid uRafa Benitez. 

Njengamanje uDorado unelayisensi ye-UEFA Pro. Ngaphambi kokufudukela eNingizimu Afrika, uDorado ubekwiHFX Wanderers FC edlala kwiCanadian Premier League.

Kungokokuqala ke nokho lo mqeqeshi ezosebenza ngokuzimela, kube nguye inhloko yabaqeqeshi kanti uhlalelwe wumsebenzi wokubuyisela leli qembu kwiDStv Premiership.

Ekhasini lakhe leLinkedIn, u-Dorado uzichaza njengomqeqeshi ofunde kakhulu olungele ukuthatha noma yimuphi umsebenzi anikwa wona. 

“Nginesipiliyoni seminyaka engu-15 ezinkulisa ezisezingeni eliphezulu, futhi nginesipiliyoni esiningi sokusebenza nabadlali abancane engibasize bakhula ebholeni labo.

“Ngingumuntu okhuthele futhi onothando. Ngikholwa ukuthi ngingaba nesandla ekuletheni impumelelo kunoma yiliphi iqembu,” ubhale kanje kwiLinkedIn. 

FUNDA NALA: UJunior Mendieta usengoweSundowns ngokugcwele

IBLack Leopards igawulwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule kodwa yathenga isitifiketi se-All Stars. 

Ekuzihleleni kabusha, uChief Thidiela uzothatha isikhundla sokuba ngusihlalo bese kuthi uyise uDavid Thidiela abe ngumengameli weqembu.