EzakamuvaIbhola

UJohn Maduka uzoqala isiko leRoyal AM ngabafana abancane

Alfred Ngubane

Ukugwetshwa kweRoyal AM sekunike uJohn Maduka, ongumqeqeshi, ithuba lokuthi aliphembe kabusha leli qembu, alakhele indlela yalo yokudlala. 

UJohn Maduka uthi leli qembu belingenalo usikompilo lwebhola ekumele lilidlale phambilini njengoba lafika nabadlali beBloemfontein Celtic. 

Laphinda lathenga abadlali abadala abafana noThabo Matlaba, Mxolisi Machuphu noHappy  Jele asebekhulile. 

“Noma kungekuhle ukuthi singabathengi abadlali kodwa manje sizosebenza ngabadlali abancane esizokwakhela phezu kwabo usiko mpilo,” kusho uJohn Maduka. 

“Abafana abafana noSiphesihle Msomi, Zukile Mkhize noMfundo Thikazi abakhulele  eqenjini yibo esizokwakhela phezu kwabo.

“Abadlali abadala eqenjini abakhona bazosilekelela kakhulu ukukhulisa laba badlali abasebancane.”

IRoyal AM igwetshwe yiFifa ukuthi ingabasayini abadlali kulandela ukuhluleka kwayo ukukhokhela uSamir Nurkovic eyamxosha ngendlela engafanele. 

Izamile ukuba lesi sigwebo sichithwe ngokusidlulisela enkantolo yamacala ebhola emhlabeni, iCourt of Arbitration for Sport kodwa yayichitha. 

Le nkantolo inqume ukuthi isigwebo seFifa asiqhubeke. Uma iRoyal AM ifuna ukuphinde isayine abadlali, kumele ikhokhele uNurkovic imali yakhe iphelele. 

UJohn Maduka ukuvumile ukuthi lesi sigwebo sizobalimaza njengoba ebefisa ukuqinisa ezindaweni ezithile. 

“Kusilimazile kakhulu ukungasayini abadlali njengoba ngesizini edlule asidlalanga kahle,” kusho yena.

“Kodwa kuzomele silwe ngempela nabadlali njengoba nabo usihlalo weqembu (u-Andile Mpisane) usebatshelile ngesinqumo.” 

Khonamanjalo leli qembu lizothuthela eHarry Gwala Stadium lisuka eChatworth Stadium la belidlalela khona imidlalo yasekhaya. 

Ukudliwa yizembe kweMaritzburg United kuvelele ezikaMaMkhize imbobo yokungena kumasipala waseMgungundlovu njengoba uzoyixhasa ngoR9-million ngesizini. 

Imidlalo yayo yasekhaya seyizoyidlalela kule nkundla ebivamise ukugcwala uma kudlala iTeam of Choice. 

FUNDA NALA: Umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin ucacisa ekaMhango

Umdlalo weRoyal AM wokuqala kule nkundla uzoba ngo-Agasti 5 la izobhekana khona nomkhaya besifundazwe AmaZulu FC emdlalweni wokuqala weDStv Premiership.