UBruce Ramokgadi ubona uMakgopa engcono kunoDzvukamanja
Sbongs Gumbi
Kube yishwa ukuthi u-Evidence Makgopa afike kwi-Orlando Pirates elimele, ngokubona kwenkakha yaleli qembu uBruce Ramokgadi.
U-Evidence Makgopa ufike kwiPirates ngesizini edlule ephuma kwiBaroka FC eyayidliwe yizembe yehlela kwiMotsepe Foundation Championship.
Nokho uchithe isikhathi esiningi kodokotela beqembu elashwa, waze walulama kahle sekuyophela isizini. Udlalile nokho kancane.
Kodwa manje kunezinkulumo zokuthi angase achithwe noma abolekiswe kodwa uBruce Ramokgadi ubona kungaba yiphutha elibi lokho.
“Ngeshwa lakhe uMakgopa ufike kwiPirates evele elimele,” ucashunwe esho kanje uBruce Ramokgadi ngabeKickOff kuleli viki.
“Lokho akubanga kuhle, futhi kwenze angaqali ukuzilungiselela isizini neqembu. Kodwa ke kujabulisile ukumbona esebhentshini kule midlalo yokugcina.
“Kodwa ngeshwa akalinikwanga ithuba ngoba uDzvukamanja ubewashaya amagoli, ekubeni kukhona noKermit Erasmus.
“Angicabangi ukuthi ukuba kwiPirates kuyambambezela ebholeni lomhlaba ngoba wafika kuyo elimele. Uma umqeqeshi ekhaliphile, uzoyithola indlela yokumsebenzisa kahle.”
URamokgadi uthi uMakgopa kumele ahlale njengoba no-Eva Nga, ambona engcono kakhulu kunaye.
“Uma u-Eva Nga esekhona kwiPirates, pho kungani uMakgopa kumele ahambe? Uma nje u-Eva Nga esekhona, uMakgopa unethuba elihle.
“Ngicabanga ukuthi ungcono kakhulu kuno-Eva Nga. Futhi ungcono kunoDzukamanja, naye uyakwazi ukushaya amagoli ngekhanda futhi unomzimba oqatha.
“Ungcono kunabo uma bebhekene ngqo nesitobha. Futhi akamubi kangako onyaweni, uma sikhuluma iqiniso nje.”
IPirates inenqwaba yabagadli kanti kuvela ukuthi ifuna ukunciphisa kancane kulo mkhakha.
FUNDA NALA: Owayedlala kuMaZulu uMyron Shongwe uveza isifiso ngoMngqithi
Kodwa ke kubukeka laba abebevele bekhona ngesizini edlule bazogcinwa. Kuzobe sekubuyiselwa abebebolekisiwe emaqenjini abebekuwo.
Kuvele iSuperSport isishilo ukuthi ingajabula ukuphinde imthole uZakhele Lepasa. Ne Cape Town Spurs isho okufanayo ngoBoitumelo Radiopane.