Izimpikiswano ngamajezi angakethulwa kwabeChiefs nePirates
Sihle Ngubo
Izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, azikayethuli ngokusemthethweni imisiko yazo yamajezi amasha ezizogijima ngawo ngezisizini yeDStv Premiership ka-2023/2024.
Nokho akhona amajezi ala maqembu asethushuke ezinkundleni zokuxhumana, enza ukuthi abalandeli bakhulume okuningi.
EleChiefs leKappa liqale ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana ngesonto eledlule, kwathi elePirates le-Adidas laqhamuka ngoLwesihlanu.
Okuhlalukayo ukuthi njengenjwayelo akukho ukuvumelana ukuthi yiliphi elakhiwe kahle nomake yiliphi elihle kunelinye.
Ngeledlule abeChiefs abakhonondanga kangakho kuvela elabo kodwa ngoLwesihlanu abanye bePirates bebeshaya amakhala ngelabo.
La maqembu womabili asekhempini njengoba kulungiselelwa isizini entsha. IChiefs isempumalanga, iPirates iseNorth West.
Kuyacaca ukuthi aseyowethula kahle esebuya amajezi awo amasha kodwa lawa aseputshukile makhulu amathuba okuthi yiwo kanye.
FUNDA NALA:Â I-Orlando Pirates nezintsha ngoPule, Ofori nabanye
Ngabe yiliphi ijezi elihle kulawa? Ibuye kwezwakala iKappa noma ishaye eceleni? I-Adidas yona ngabe iphambukile kulokhu noma lisazojwayeleka eleBucs?