EzakamuvaIbhola

Ingcindezi kwiChiefs ngoPitso olengelwa yizwembe e-UAE

SIHLE NGUBO

Abalandeli beKaizer Chiefs ezinkundleni zokuxhumana sebefakele iqembu labo ingcindezi enkulu mayelana nokuthi liqashe uqweqwe lomqeqeshi, uPitso Mosimane.

Lokhu kulandela izindaba eziqhamuka e-United Arab Emirates ezithi i-Al Wahda ingase iyinqamule inkontileka yalo mqeqeshi ozakhele igama kwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly.

Ukungacaci kwekusasa likaMosimane kuleli qembu kuthiwa kungenxa yemiphumela.

UPitso awangatshazwa amagalelo akhe njengoba eshiye iSundowns iyimbumba, wase edlulela kwi-Al Ahly lapho nakhona wafika wenza kahle. 

Kuwona womabili la maqembu uwine iCaf Champions League waphinde wadlala nawo kwiFifa Club World Cup.

Abalandeli baxina iChiefs nje isanda kuxosha uMolefi Ntseki ngemuva kokuthi ephikwe yimiphumela, kulandela ukuthatha izintambo ku-Arthur Zwane ekuqaleni kwesizini. 

Indawo yakhe ithathwe uCavin Johnson obambe okwesikhashana. UJohnson uke waba yiphini likaPitso kwi-Al Ahly.

Njengamanje abalandeli baMakhosi bafuna ushintsho eqenjini futhi kuyacaca ukuthi abamethembi kwayena uJohnson lo obambile. 

FUNDA NALA: UMpengesi ukhala ngonompempe, ufuna kuqalwe iVAR

Uma uMosimane engazithola esayina eNaturena kungasho ukuyophinde asebenzisane noJohnson obeyiphini lakhe kwi-Al Ahly, baze bawina iChampions League ndawonye.