Uphumela obala ngesifiso sakhe ngeChiefs uRowan Human
Sbongs Gumbi
URowan Human uvulelekile ukuthi engajoyina iKaizer Chiefs njengoba isifiso sakhe wukukuqhubeka nokudlala kwiDStv Premiership.
Lo mdlali wasesiswini usemabhukwini eMaritzburg United njengamanje. URowan Human ungomunye wabadlali abamataniswa neChiefs.
Negama leSuperSport United nalo lilokhu livela kulawo azibhekile kulo mdlali oneminyaka engu-22 okhulele enkulisa yeBidvest Wits.
Ungumdlali okwazi ukuhlanganisa iminyakazo yeqembu esiswini kanti uneso legoli uma eya phamnbili njengoba enganqeni ukukhahlela ipali.
Lokhu uphinde wakveza ngesikhathi esuka ebhentshini eyotakula iBafana Bafana ibambana ngo 1-1 neNamibia kwiCosafa Cup.
Ubengomunye wabadlali abebevelele kwiMaritzburg ngesizini ephele ngosizi kuleli qembu laseMgungundlovu selidliwe yizembe.
“Yebo, bona (iKaizer Chiefs) bayiqembu elikhulu futhi banabadlali abahle ngakho ngeke ngikwale ukuya khona,” kusho uRowan Human kwabeRadio 2000 kuleli viki.
“Baneqembu elihle futhi ngibona sengathi badinga ukulwela izindebe. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngimataniswa neSuperSport United.
“Kodwa angikezwa lutho ngakho, anginaso isiqiniseko kodwa ukusebenza noGavin Hunt kuhlale kuyinto enhle ngoba nguye owanginika ithuba ngisemncane…
Uthe okwamanje akakalazi ikusasa lakhe likuphi njengoba esagxile kwiCosafa Cup la emele khona izwe.
“Ngemuva kwalokho ngizobe sengazi ukuthi kufanele ngibe kuphi. Okwamanje, imenenja yami isaxoxisana neqembu (Maritzburg United)… Ngokwazi kwami, ngisenenkontileka neMaritzburg.
“Ngingathanda ukuhlala kwiPremiership futhi angikacabangi ngokudlala esigabeni sokuqala,” kwengeza yena.
FUNDA NALA: Izimpikiswano ngamajezi angakethulwa kwabeChiefs nePirates
Amathuba okuya kwiChiefs ayamnciphela nokho njengoba leli qembu selithole uPule Mmodi odlala indawo efanayo futhi onamava.
Ngaphezu kwalokho leli qembu lisayine no-Edson Castillo wasVenezuela okuthiwa uyababa uma ehlasela.