EzakamuvaIbhola

Uzosayina kwiSpurs owalaxazwa yiMaritzburg

Uxoxisana neCape Town Spurs uLungelo Bhengu osendleleni ebuyela kwiDStv Premiership. 

Lo mdlali wasemuva osasemabhukwini eCasric Stars FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship kulindekele ukuthi abe ngumdlali omusha weSpurs kusukela ngesonto elizayo.

Izingxoxo phakathi kwakhe neSpurs sesingasemaphethelweni futhi angase amenyezelwe maduze nje. 

UBhengu obengumdlali weMaritzburg United ngaphambi kokuthi ahlukane nayo ngemuva kokudliwa yizembe ngesizini edlule.

Kuvela ukuthi ufunwa uthuli ngumqeqeshi weSpurs, u-Ernst Middendorp abake basebenza ndawonye kwiTeam of Choice. 

Umthombo osondelene noBhengu uputshuzele Impempe.com ukuthi uMiddendop uzama ngakho konke okusemandleni akhe ukuthola lo mdlali waseMphithi. 

“UMiddendorp usemkhankasweni wokuthungatha uhlobo lwabadlali abadingayo njengoba enikezwe umbandela wokusiza iqembu ukuthi lingadliwa yizembe.

“ICasric ithe ifuna isamba ngomdlali wayo ukuze ikwazi ukumdedela,” kusho umthombo. 

“UMiddendorp uvumile ukuthi uzosikhipha ukuze akwazi ukuthola lo mdlali osezinhlelweni zakhe.” 

UBhengu ubeseqalile ukuziqeqesha neSpurs kodwa kulindeleke ukuthi asayine kuyo ngesonto elizayo. 

ISpurs iyivale emsileni kwilog yeDStv Premiership ngamaphuzu amane nje kuphela ngemuva kokudlala kwayo imidlalo elishumi nesithupha. 

Isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiRichards Bay FC engenhla kwayo.