EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Kuvela okuzokwenza iChiefs imgcine uKhama Billiat

Intatheli yeMpempe

UKhama Billiat ngomunye wabadlali okungaziwa kuzkwenzakalani ngabo kwiKaizer Chiefs njengoba izinkontileka zabo ziphela nje. 

Lesi sikhwishikhwishi saseZimbabwe sifike kwiChiefs eminyakeni emihlanu edlule sisuka kwiMamelodi Sundowns. 

Nokho izinto azimvumanga njengoba engakaze afike ezingeni ayekulo ngesikhathi ekwiSundowns. 

Uyena uKhama Billiat, uCole Alexander, uPhathutshedzo Nange noMulomowandau Mathoho ngabanye babadlali abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni. 

Impempe seyingakudalula nokho ukuthi uKhama Billiat uzogcinwa kuleli qembu yize ezonikwa inkontileka yesikhathi esincane. 

“Uzophinde alulelwe ngonyaka ngoba basafuna ukumsebenzisa ngesizini ezayo,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa. 

“Abaqeqeshi abakhona njengamanje bayamthanda, bayambona la ezobasiza khona.” 

IChiefs iqeqeshwa ngu-Arthur Zwane njengamanje kanti iphini lakhe nguDillon Shepard. 

Lo mthombo uthi uKhama Billiat bafuna ahlale ajwayeze abafana abasebancane laba abafuna ukukhulisa. 

“Into emsizayo uKhama ukuthi akanayo le nhliziyo yokuthi usemdala yena kodwa uyazwana nabafana abancane. 

“Uyabasiza ngokubabonisa futhi uyabajabulela uma benza kahle. Ungumdlali owenza kube mnandi eqenjini. 

“Uyena nomngani wakhe uDolly bafana nobhuti abadala kulaba bafana futhi bayabasiza kakhulu,” kusho lo mthombo. 

Uthi abaqeqeshi yibo abacele ukuthi iqembu limhambise kodokotela abakhethekile ukuze asheshe alulame kulokhu kulimala anakho. 

“Bayazi ngeke adlale kule sizini ngoba vele seyiyaphela. Kodwa bebefuna ukuthi kuqalwe amalungiselelo esizini entsha esekhona.” 

Uthe awazi ukuthi kuzokwenzakalani ngalaba abanye wathi kodwa awuboni begcinwa ngaphandle mhlawumbe kukaMathoho. 

FUNDA NALA: UTico-Tico Bucuane ukhala ngenswani ethezwa awePSL ngaphandle

“Abadlali abazofika sebevele bayaziwa ngakho izindawo zabafana no-Alexander noNange ngathi zizoncipha impela. 

“UMathoho yena usengasindela ukuthi kade afika eqenjini futhi akahluphi ngalutho,” kuchaza yena.