EzakamuvaIbhola

Unozinti omusha, uMelusi Buthelezi uncoma impatho kwiPirates

Njabulo Shezi

UMelusi Buthelezi uthi izinhlelo abazenzayo njengoba esekhempini neqembu lakhe elisha i-Orlando Pirates ziyamsiza ukwazana kangcono nozakwabo. 

IPirates isekhempini yayo yokuqala yokulungiselela isizini eNorth West, kanti kuzothi ngeviki elizayo iphume kuleli ilibangise eSpain la iyoqedela khona amalungiselelo. 

Izofika eSpain, okuyila kudabuka khona umqeqeshi wayo uJose Riveiro, idlale nemidlalo yokuzwana amandla namaqembu ehlukene, aqhamuka emazweni ehlukene. 

Njengomunye wabadlali abasha eqenjini, uMelusi Buthelezi uthi abakwenzayo njengoba besekhempini nje kuyabasiza kakhulu. 

“Ngicabanga ukuthi konke kusahamba kahle. Futhi njengoba ngikhona la kozakwethu nabaqeqeshi, wonke umuntu ungamukele kahle,” kusho uMelusi Buthelezi.

Le nsizwa eneminyaka engu-25 edabuka eNquthu, KwaZulu-Natal, ithi ifunda lukhulu ngozakwabo kule khempu abakuyo. 

“Yonke into isahamba kahle njengoba silungiselela isizini. Kungithokozisile ukuthi sikwazi ukuhlangana njengeqembu siqinise ubudlelwano. 

“Ngicabanga ukuthi lokhu kuyasisiza ukuthi sazane kangcono, ikakhulukazi thina badlali abafikayo. Kuzoba lula ukuthi singene eqenjini, sizwane nabanye abantu.”

UMelusi Buthelezi, ongunozinti, ufike kwiPirates ngenyanga edlule esuka kwiTS Galaxy okuyiyo azakhele kuyo igama. 

Kodwa ibhola elikhokhelayo uliqale kwiJomo Cosmos ngemuva kokuhanjiswa kuyo uTebogo Moloi weTM Scouts. 

UJomo Sono, ongumnikazi nomqeqeshi weCosmos, uthi lo nozinti uzongena khaxa kwiPirates futhi nayo ngeke izisole ngokumthenga. 

“UMelusi Buthelezi uzokwenza kahle kwiPirates ngoba uphuma ezandleni ezinhle zeCosmos,” ucashunwe esho kanje uSono kwabeSowetan. 

“Usebenze kahle no-Avril (Phali, ocija onozinti kwiCosmos). Empeleni u-Avril uyena owathi asimsayine ngemuva kokuthi evele watheleka ejimini yethu.

FUNDA NALA: Iqashe uKaitano Tembo iRichards Bay

“Okunye okuzomenza aphumelele kwiPirtaes wukuthi ungumfana olalelayo futhi usewatholile amava  kwiTS Galaxy neBafana Bafana.”