Iqashe uKaitano Tembo iRichards Bay
Alfred Ngubane
Ngemuva kokuhluleka ukuncenga uMandla Ncikazi ukuthi ashiye kwi-Orlando Pirates, iRichards Bay seyiqashe uKaitano Tembo.
Leli qembu laKwaZulu-Natal elidlala kwiDStv Premiership belifuna umqeqeshi kulandela ukudedela kwalo oVasilli Masounakis noPitso Dladla ekupheleni kwesizini edlule.
Like lamataniswa noJosef Zinnbauer owayekwiPirates phambilini, kodwa wajika endleleni esecelwe uxolo yiRaja Casablanca eyamthembisa okungcono.
Ibe seyijikela kuNcikazi owayeyiphini likaZinnbauer kwiPirates, kodwa naye wayichitha njengoba kuthiwa uthe kukhona ulwazi asafuna ukuluncela kuJose Riveiro ayiphini lakhe njengamenje kuleli qembu laseSoweto.
Kodwa ke iRichards Bay seyigcine imtholile umqeqeshi njengoba imemezele ngoLwesine kusihlwa ukuthi seyiqashe uKaitano Tembo kulesi sikhundla.
Uzolekelelwa nguSiboniso “Jomo” Gumede okunguye obebambile njengoba abaphathi bebesabheka umqeqeshi nje.
UKaitano Tembo akalona ke ivukana njengoba eke waqeqesha kwiSuperSport United neSekhukhune United phambilini.
Nokho izinto azimhambelanga kahle kuwo womabili lamaqembu njengoba egcine ngokukhonjwa indlela.
“IRichards Bay ifisa ukuqinisekisa ukuqashwa kukaKaitano Tembo njengenhloko yabaqeqeshi,” kusho leli qembu esitatimendeni.
“UKaitano Tembo akayena umuntu omusha kwiDStv Premiership njengoba eseke wasebenza kwiSuperSport United neSekhukhune United phambilini.
“Siyamamukela umqeqeshi futhi simfisela impumelelo,” kwengeza lesi sitatimende.
Leli qembu kulindeleke liqinise neqembu ngokuhamba kwezinsuku kanti imenenja uJames Dlamini utshele Impempe ukuthi sebefuna abadlali abazohlala hhayi ababolekiwe.
FUNDA NALA: Selulungiswa ezingeni eliphezulu olombango kaRanga Chivaviro
Mhlawumbe lokhu kwenziwe yimihlola iqembu eliyigilwe uNkanyiso Zungu ebelimboleke kwiPirates ngesizini edlule, ohambe sekukubi eyisa eqenjini.