U-Irvin Khoza akashiye eseyilungisile eyesikhulu esiphezulu
SIHLE NGUBO
Ukuvela kwezindaba zokuthi usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, angase asishiye isihlalo sakhe maduze, akungabazeki ukuthi kushiye abaningi bemangele futhi benemibuzo.
Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi u-Irvin Khoza useyibeke ezingeni eliphezulu iPSL, wayenza yaba enye yamaligi ahlonishwayo emhlabeni.
Akwethusi ukuthi abaxhasi bayatatazela ngokuthi u-Irvin Khoza angase angalungeneli ukhetho lukasihlalo wePSL ngoNovemba nonyaka.
“Izingane zakhe manje zifuna ahlehle ngoba usekwenzile lokho obekumele akwenze, uzivuselele zonke izinkontileka,” kusho umthombo onolwazi kwiSunday World.
“Abatshali bemali abakuthandisisi ukungaqondi kahle ukuthi kuzokwenzekani. Uma ungabuza abaxhasi, bangakutshela ukuthi bancamela yena, ukusebenzisana nomuntu abamaziyo.”
Nokho umbuzo omkhulu owokuthi ngabe u-Irvin Khoza uzoshiya eyilungisile yini indaba yesikhundla sesikhulu esiphezulu kwiPSL.
Sekuphele iminyaka kubambe uMato Madlala kulesi sikhundla kodwa akuhlaluki ukuthi uzoqashwa nini ngokuphelele umuntu ozoba yisikhulu esiphezulu sePSL.
Iphelile iminyaka eyisithupha (nangaphezulu) manje abezindaba bebuza umbuzo owodwa kuMato Madlala, ongusihlalo weLamontville Golden Arrows, ukuthi kanti uyobamba njengesikhulu esiphezulu kwiPSL kuze kube nini.
Impendulo kaMato Madlala ihlale iwumusho owodwa, onamagama ambalwa: “Buzani usihlalo u-Irvin Khoza.”
Uma selifikile ithuba lokubuza uKhoza naye uphendula ngendlela eyodwa njalo, kodwa akukaze kushintshe lutho.
“Sizokhuluma ngalolu daba kwi-AGM (Annual General Meeting) yalo nyaka. Ngemuva kwalokho sizobe sesazisa wonke umuntu ukuthi sixoxe sathini,” kuyaye kusho uKhoza.
Sekudlule imihlangano eminingi ye-AGM kodwa akushintshi lutho – uMato Madlala usalokhu eyibamba nje.
Uma uKhoza engalungeneli ukhetho ngoNovemba, kuzobhekwa ukuthi ubani obesebenza naye eduze nozongena athi khaxa esikhundleni sakhe.
Lowo muntu kumele akwazi ukusebenzisana nabaxhasi kanjalo nabatshali bemali kwiligi, njengoba kwenza yena uKhoza.
FUNDA NALA: Kuvela ofuna ukuvala esikaKhoza kwi-PSL
Ngaleso sikhathi kuyomele ibe isisombululiwe eyesikhulu esiphezulu esishiywe ilenga iminyaka eminingi, ingekho incazelo eqondile.

