EzakamuvaIbhola

Asecacile abanga ezokuhlunga kwiChampionship

Azophuma kwamathathu amaqembu amabili eMotsepe Foundation Championship, azoyibamba emidlalweni yokuhlunga iqembu lika-16 elizodlala kwiDStv Premiership, ngesizini ezayo.

Kusele umdlalo owodwa ukuthi kusongwe isizini, kanti imidlalo yokugcina izodlalwa ngeSonto (ngoMeyi 19) ngo-3 ntambama.

IMagesi FC isivele iwuqedile owayo umsebenzi kwiChampionship njengoba isingompetha bale ligi besizini ka-2023/24.

Leli qembu, eliqeqeshwa uClinton Larsen, lizogijima kwiPremiership ngesizini ezayo.

Amaqembu amathathu abanga ukuqeda endaweni yesibili neyesithathu, yi-University of Pretoria, yiBaroka FC neJDR Stars.

I-Tuks isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-48, kanti idinga ukunqoba umdlalo wokugcina ukuze ingagudluki lapho ikhona.

IBaroka neJDR Stars basendaweni yesithathu neyesine ngokulandelana, kanti banamaphuzu angu-46.

IMaritzburg United (43) seyiphikwa yizibalo endaweni yesihlanu, nokuchaza ukuthi izobe idlala kwiChampionship ngesizini ezayo.

Nakanjani izodla ngokushuba imidlalo yokugcina ezodlalwa yiTuks, iBaroka neJDR Stars, ngeSonto.

I-Tuks izobhekana neBaroka, eTuks Stadium, ePitoli, kuthi iJDR Stars yamukele iTeam of Choice, eSoshanguve Giant Stadium.

Kuyazicacela ukuthi umdlalo okuzoshunqa uthuli kakhulu kuwona oweTuks neBaroka abazobe bebanga indawo yesibili. 

Alikho okumele livume ukushaywa kulawa kodwa iBaroka kumele iqinisekise ukuthi iyanqoba, kungenjalo ingaqeda endaweni yesine uma iJDR Stars inqoba kwiMaritzburg.