IMilford iqinisekise ukuthenga Uthongathi, kodwa kufufusa umbango
Alfred Ngubane
Isiqala ukudida eyokudayiselana koThongathi FC neMilford FC isitifiketi sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Lokhu kungenxa yokuthi kuphuma izitatimende ezehlukene – abanye bathi sekuqediwe, abanye bathi ayikho leyo futhi ngeke yenzeke.
Yithi sikulandise. UDokotela Xanti Pupuma, usihlalo weMilford ubize isithangami sabezindaba eRichards Bay ngoLwesihlanu la athe sebeyithenge ngokusemthethweni iCane Cutters.
Kodwa imenenja yaleli qembu, uLungelo Nhlumayo ushaya phansi ngonyawo uthi yinto engekho leyo.
UDkt Pupuma uthe leli qembu lizothuthela eRichard Bay. Abadlali boThongathi abanezinkontileka bazoqhubeka nokudlala kwiMilford FC.
Izikhulu nabanye abasebenzi beqembu indaba yabo isazoyikhulunywa. Nomqeqeshi uPapi Zothwane usetsheliwe ngalokhu.
Esithangamini nabezindaba kuvele ukuthi nePSL seyikugunyazile lokhu kudayiselana kodwa Impempe ithole ukuthi kusazosuka umbango.
FUNDA NALA: IPolokwane City ijike umqondo ngoMakola noMhlongo
Kuvela ukuthi Uthongathi ngeke ludayiseke ngoba luyingxenye yamafa angakacazwa kaMkhize lo owayengusihlalo osashona.