USiyanda Xulu nesizathu esimenze aqoke iSuperSport
Sbongs Gumbi
ISuperSport United isimemezele ngokusemthethweni ukuthi isayinise umdlali wasemuva weBafana Bafana, uSiyanda Xulu.
Usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyelula uma iphela, kusho leli qembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-31 uke wadlala iMamelodi Sundowns, Rostov (eRussia), Kaizer Chiefs, Maritzburg United, Hapoel Tel Aviv (Israel).
Ngesizini edlule ubedlala kwiTuran T IK e-Azerbaijan lapho edlale khona imidlalo engu-25.
USiyanda Xulu ungomunye wabadlali abaumgogodla weqembu lesizwe ngaphansi kukaHugo Broos futhi usedlale imidlalo engaphezu kuka-25.
Ungomunye wokubhekwe ukuthi bahole leli qembu kwiCaf Africa Cup of Nations ese-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uphawule wathi, “Ngicabanga ukuthi ungumuntu ongangena kahle eqenjini.
“Unolwazi oluningi. Unamava kakhulu futhi kudala ngimazi. Angakwazi nokusiza abadlali abasebancane esinabo eqenjini.”
“Unesimilo esihle futhi lokho yinto edingekayo kuleli qembu. Ungomunye wabadlali abaphambili kwiBafana.” USiyanda Xulu ukujabulele ukujoyina Amatsatsantsa.
“Ngizizwa ngithobekile kakhulu. Ngelinye ithuba lokudlala ekhaya, okuyinto engiyidinga kakhulu njengamanje.
“Uma ufika kule minyaka engikuyo, into eyodwa oyidinga kakhulu wukuzinza. ISuperSport United inginike ebengikudinga ngesikhathi esifanele.
“Isizathu esidale ukuthi ngijoyine iqembu yingoba ngibona yonke into kuleli qembu ihamba ngendlela.
“Ngidinga ozakwethu ukuthi bangisize ngizinze kahle ukuze sisheshe singene emsebenzini.”
FUNDA NALA: Okusha ngesigwebo sikaLorch ngecala lokushaya intombi
USiyanda Xulu ujoyina iSuperSport nje bekunamahlebezi okuthi uxoxa neqembu langakubo eThekwini AmaZulu FC.
Nokho ubuye wajika umqondo, wabona kungcono azinze eGoli njengoba eseyiTsatsantsa nje manje.